Usizi eshonelwa unina ngaphambi kwempi enkulu

Linda Ximba

Amalungiselelo empi ezoba ngoNtulikazi yowayengumpetha wesibhakela uZolani “Last Born” Tete aphazanyiswe ukudlula emhlabeni kukamama wakhe uNomonde ngoLwesihlanu.

“UNomonde ubeyikho konke kuZolani,” kusho imenenja kaTete uMlandeli Tengimfene etshela i-Scrolla.Africa.

“Ubesenesikhathi egula. Ubephila nomlenze wokufakelwa owanikelwa yiNhlangano kaMotsepe eminyakeni emithathu edlule.”

Le menenja yengeze ngokuthi ngemuva kokuzwa ngokudlula kukamama wakhe, lowo ewayengumpetha wesicoco se-IBF junior featherweight ne-WBO bantamweight ukhishwe ekhempini yokuzilolonga.

“Ngimatasa ngimlungisela ukwelulekwa ngokwengqondo ngaphambi kwempi enkulu e-UK,” esho.

“Uhlukumezekile emoyeni kodwa uyindoda enamandla futhi sithandazela ukuthi umama wakhe amnike amandla okwenza kahle nokuthi abuye nezicoco ekhaya.”

Lo mshayisibhakela ozinze e-Eastern Cape uzilungiselela impi azobhekana kuyo nompetha we-IBF International  and Commonwealth junior-featherweight uJayson Cunningham e-UK mhla zimbili kuNtulikazi.

UTengimfene uthe umshayisibhakela wakhe uyazi ukuthi lempi ifana nethuba lesibili kuyena ngemuva kokuthi ahlulwe yibhande le-WBO ngomzuliswano wesithathu nguJohn Riel Casimero waseNgilandi eminyakeni emithathu edlule.

“Ngithanda ukubonga uphromotha waseNgilandi uFrank Warren we-Queensbury Promotions ngokuthembela kuZolani. Welule inkontileka yakhe ngokumnikeza okungenani izimpi eziyisikhombisa eminyakeni emibili. Usemkhankasweni wokwenza uZolani abe ngumpetha womhlaba futhi,” kusho uTengimfene.

Uthe sebemfundile uCunningham.

“Uyingozi futhi uwine izimpi zakhe zonke eziyisithupha zokugcina. Ungumshayisibhakela osezingeni eliphezulu futhi sinikeze uZolani abashayisibhakela abayinxele abafana no-Azinga Fuzile kanye no-Aphiwe Mboyana ukuthi bamkhiphe inkani,” kusho uTengimfene.

Empini yakhe yokugcina uTete wehlule umshayisibhakela wase-Tanzania u-Iddy Kayumba kalula ngomzuzu ka-55 emzuliswaneni wokuqala ngoZibandlela.

UTete waqopha umlando ngo-2017 ngesikhathi ethatha ibhande le-WBO bantamweight ngomzuzu ka-11 kuphela ebhekene noSboniso Gonya, ngokushaya izibhakela ezisheshayo emlandweni womqhudelwano womhlaba.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva