Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ebhekene nengozi yokulahlekelwa impilo yakhe uTshepi akazange angabaze. Uzame ukusindisa impilo kamngani wakhe.
Kodwa uTshepi ulahlekelwe impilo yakhe ngemuva kokuhogela igesi ye-oxide. Umngani wakhe naye ushonele endaweni yesigameko ngesikhathi kuvuza igesi e-Boksburg, Ekurhuleni ngoLwesithathu ebusuku.
Umfowabo kaTshepi uSyfred Manaka uthe ubenaye ngesikhathi uTshepi etshela umndeni wakhe ukuthi uyohlenga umngani wakhe.
“Ngiyazi ukuthi uTshepi nomngani wakhe bebezwana kakhulu futhi bebehlezi bendawonye.
Uthe ngesikhathi izindaba zokuvuza kwegesi zisabalala into yokuqala uTshepi azibuze yona ukuthi ngabe usaphila yini umngani wakhe kodwa uTshepi ubengahlalisekile wase enquma ukuhamba wayobheka umngani wakhe.
Ngemuva kwemizuzu embalwa ehambile sithole ucingo lokuthi ungomunye wabashonile.
“Kwenzeke ngokushesha okukhulu. Kufana nehlaya. Lokhu akukwazi ukuba iqiniso. Besindawonye sihleka kodwa ngokuphazima kweso ubeseshonile. Lokhu kubuhlungu kakhulu,” kusho uSyfred.
USifred ukhumbula inhliziyo enhle kamfowabo.
“Akakaze afune ukuzwisa omunye umuntu ubuhlungu. Ubehlezi esiza umuntu odinga usizo. Akungimangazi ukuthi uze wadela impilo yakhe ngenxa kamngani wakhe. Inhliziyo yakhe enhle isiphuce umfowethu,” esho.
Ukuqhuma kwegesi emijondolo yase-Angelo, e-Boksburg, Ekurhuleni kudlule nemiphefumulo yabantu abangu-17 okuhlanganisa abesifazane kanye nezingane ezintathu.
Iningi lezisulu bekungozamazama abebesebenzisa izigubhu zegesi ukuze kukhishwe igolide. Iziphathimandla zihlola umonakalo futhi isibalo sabashonile singase sikhuphuke.
UMnyango wezobunhloli bamaphoyisa uyivalile indawo yesigameko ukuze kunqandeke ukubhebhetheka. Iyaqhubeka imizamo yokususa abantu kule ndawo ukuze kuliwe nesiminyaminya.
Esithombeni esingenhla: Ama-screenshots evidiyo efakiwe