Usizi emndenini okudlwengulwa kwabulawa isihlobo sawo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Obekulindeleke ukuthi kube ubusuku bokugubha usuku lokuzalwa lomngani wakhe ngoMgqibelo ebusuku kuphethe ngokuthunjwa, ukudlwengulwa kanye nokubulawa kowesifazane (49).

UPortia Malinga uthunjwe ngaphandle kwesango lakubo e-Tsakane, Ekurhuleni. Isidumbu sakhe sitholwe ezintatha zangeSonto endaweni  eqhele ngamakhilomitha angaphezu kwayishumi endaweni eyaziwa ngokuthi isetshenziselwa ukulahla izidumbu. Ubedlwenguliwe futhi eklinyiwe.

Umdlwenguli wakhe ushiye amajazi omkhwenyana amathathu asetshenzisiwe eduze komzimba wakhe.

Isakhamuzi esicele ukuthi igama laso lingadalulwa sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi besihamba sibheke ekhaya siphuma endaweni yokucima ukoma eseduze ngesikhathi sibona imoto ima phambi kwesisulu ebesilibangise ekhaya.

“Bakhulume imizuzwana ngabona owesilisa emfaka emotweni ngenkani washaya imoto yazula.

“Angizange ngikholwe ngesikhathi ngizwa kuthiwa utholakele ebulewe, bengizitshela ukuthi isoka lakhe,” esho.

Udadewabo kamufi, uNksz Sibongile Malinga uthe uPortia ubengeyena umuntu obezijabulisa kude nasekhaya.

“Ungitshele ukuthi uzikhipha nabangani bakhe uya komunye umuzi oseduze nasekhaya.

“Ngishaqekile ngesikhathi umakhelwane engishayela ucingo ngezikhathi zasekuseni ngeSonto engazisa ngokubulawa kukadadewethu.”

Uqhube wathi banethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubopha umsolwa osebenzise amajazi omkhwenyana atholakale endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokudlwengula nelokubulala.

“Akekho osaboshiwe futhi sicela noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi umsolwa ukuphi noma ungubani ukuthi abikele amaphoyisa,” esho.

Esithombeni esingenhla: Izelamani  eziphatheke kabi uSibongile noJohanna Malinga

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva