Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Uphoxekile umndeni kaZolani Toyana (23) obulawe ngesihluku eKhayelitsha ngempelasonto edlule ngemuva kokuthi osolwa ngokubulala indodana ethole ibheyili ka-R1 000.
Umsolwa oyintombazane eneminyaka engu-17 ubudala, uboshwe ngecala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokuthi wagwaza uZolani ngebhodlela eliphukile.
Ngokomndeni wakhe uZolani wahlangana neqembu lamantombazane amahlanu endaweni yokucima ukoma ngempelasonto edlule, wacela omunye wamantombazane ukuthi igoduke naye.
Ingxabano iqale ngemuva kokuthi udadewabo wentombazane engenelele ethi ngeke akwazi ukuhamba nayo.
Udadewabo wentombazane uhlephule ibhodlela likabhiya wabe eseqala ukugwaza isisulu esiswini. Amanye amantombazane amane kuthiwa abe esengenelela, kubikwa ukuthi uZolani washonela endaweni yesigameko.
Umsolwa uvele eNkantolo yaseKhayelitsha ngoLwesibili ngomhlaka-20 kuNhlolanja, wanikezwa ibheyili ka-R1 000 kuphela.
Icala lihlehliselwe umhlaka-19 kuMbasa 2023 ukuze kuqhutshekwe nophenyo. UZukiswa Toyana, unina kaZolani uzwakalise ukuphoxeka kwakhe wathi umuntu okusolakala ukuthi ubulale indodana yakhe ubehamba ngokukhululeka.
“Wabulala indodana yami njengenja kodwa udedelwa ngebheyili ka-R1,000, lokho kuzoyibuyisa yini indodana yami? ebuza ekhala.
UToyana uthi unethemba lokuthi ukubulawa kwendodana yakhe angeke kufane namanye amacala aphelela endleleni futhi unethemba ukuthi umenzi wobubi uzobolela ejele.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority u-Erica Ntabazalila esifundeni ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uthole ibheyili ka-R1 000 kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-19 kuMbasa 2023 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Esithombeni esingenhla: Umsolwa (17) oboshelwe icala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokugwaza uZolani Toyana ngebhodlela eliphukile, kanti ubevele eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha eKapa wanikwa ibheyili ka-R1000.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze