Usizi emndenini obulawele amadodana awo amabili 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Zitholakala zilahliwe izidumbu zabafana ababili abebezama ukuvikela udadewabo  ezigebengwini ebezimdlwengula ngoMgqibelo ebusuku.

Lezi zinsizwa iminyaka yazo ephakathi kuka 15 no 25 ezihlala esigodini saseMatheni KwaNongoma enyakatho neKwaZulu-Natal zishone ngenxa yokugwazwa.

Kusolakala ukuthi abasolwa ababili bangene endlini bethi balethe omunye wamadodana (25) abathe uphuzile akakwazi nokuhamba ngaphandle kosizo.

Ngaphandle kokungabaza umama uvule umnyango okuyilapho ebone khona ukuthi ukhohlisiwe. Indodana yakhe ibingekho.

“Indodakazi yami isheshe yafonela umfowabo ovele waqinisekisa ukuthi abasolwa baqamba amanga futhi bamshiye emcimbini abebewuhambele kanti sivele sabona lapho ukuthi kukhona okushaya amanzi,” kusho umama.

Indodana endala ithembise ukuphuthuma ekhaya ukuze iyolungisa le nkinga kodwa-ke ibikude kakhulu.

Ngokushesha abasolwa baqale ukuhlasela le ntokazi base  bayidlwengula phambi kukanina.

Ngesikhathi uyise nendodana encane bezwa isiphithiphithi besemakamelweni abo okulala bahambe bayobheka ukuthi kwenzakalani.

Bazamile ukunqanda abadlwenguli, kodwa bagwazwa amanxeba amaningi ngabasolwa, abebeshintshana ngokudlwengula indodakazi eneminyaka engu-20 ngaphambi kokuyigwaza.

Umama okugodliwe ukuthi ungubani ukuze kuvikelwe indodakazi yakhe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni wakhe awusoze walukhohlwa usizi abadlule kubo.

“Bebengenazwelo, bengenandaba nokuthi siyabazi. Kuthe indodana yami ifika ekhaya ngemuva kokuthi siyifonele nayo bayigwaza baqede babaqhuba nomfowabo omncane sebeqala bephelelwa amandla. Umuzi wami wonke ubugcwele  igazi.”

Ngesikhathi indodana endala ifika ekhaya ibona umfowabo noyise begwaziwe, udadewabo edlwenguliwe abasolwa bamhlasele wangakwazi ukuzivikela bamgwaza endaweni ebucayi.

Ababulali babe sebehamba behudula amadodana amabili abephelelwa amandla okuyilapho unina esale khona ukuze anakekele indodakazi yakhe nomyeni ababelimele.

Indodakazi nomyeni bangeniswe esibhedlela sendawo benamanxeba okugwazwa, kodwa badedelwa ngeSonto.

“Angisoze ngabaxolela ngale nto abayenze emndenini wami basibulele siphila sonke.

Umphakathi uthungathe lezi zelamani ezimbili ngeSonto kanti izidumbu zabo zitholakale ngoMsombuluko ekuseni ezindaweni ezahlukene.

Amalungu omphakathi abethukuthele azame ukushisa imizi yabasolwa ngoMsombuluko ngemuva kokutholwa kwezidumbu.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo, uthe amaphoyisa asathungatha umsolwa oyedwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nokudlwengula.

“Bekunabasolwa ababili kanti amaphoyisa akwazile ukubopha oyedwa osavalelwe esitokisini samaphoyisa kwaCeza KwaNongoma,” kusho uNgcobo.

Isithombe esingenhla eselokishi lakwaNongoma

Umthombo wesithombe: uthathwe ku-Facebook

Izihloko zakamuva