Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ngemuva kokulahlekelwa umjondolo wawo ngenxa yomlilo, umndeni uphinde wehlelwa umshophi sekushona izelamani ezimbili ebezisiza ekwakheni kabusha umjondolo womndeni.
Umndeni wakwaDaniels e-Kariega ulahlekelwe yizelamani uJordeen (13), noChristiaan (10) ngesikhathi beshayiswa yiveni ngoLwesihlanu kusihlwa esigamekweni la umshayeli abaleke khona.
Laba bafana bebephethe othayela abebeyizinsalela zomjondolo wabo ngemuva kokushiswa umlilo ekuseni ngalolo suku.
UJordeen noChristiaan bashonele endaweni yesigameko.
Umama wabo, u-Eltrisha Daniels uthe ubuhlungu obusenhliziyweni yakhe bungaphezu kwamandla.
“Kuqale kwasha umuzi wethu ekuseni kwathi ntambama izingane zami zashayiswa yimoto zashona. Kufanele ngibhekane kanjani nalokhu? Lokhu kungaphezu kwamandla,” kukhala umama odangele.
Uthe abafana bakhe bebengahlukani. “Bebehlale bewusizo kakhulu,” esho.
“Bashone bezama ukusiza uyise ukuthi asuse othayela endaweni yethu eshile.
Uyise wabafana, uJerome Jonathan uthe abafana bebefuna ukuba onjiniyela uma sebekhulile.
“Bazakhele i-kart yesikhashana futhi bewenza ngokuncomeka umsebenzi wezandla,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Andre Beetge usiqinisekisile lesi sigameko.
“Kusolakala ukuthi abafana ababili bebephethe othayela be-zinc ngesikhathi iveni yohlobo lwe-Isuzu double cab ibashayisa. Bobabili bashonele endaweni yesigameko.”
UBeetge uthe umshayeli ubalekile endaweni yesigameko, washiya imoto ebangeni eliqhelile nomgwaqo.
Uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso futhi liphenywa esiteshini samaphoyisa e-Kamesh e-Kariega.
Esithombeni esingenhla: Abafana bakwaDaniels bazakhele i-go-kart yesikhashana, efana nale ekulesi sithombe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe