Lubhalwe nguLungi Langa
Umndeni kaBonginkosi Mazibuko noMxolisi Msimango bachaze laba ababili njengabantu abebehlezi bendawonye.
Bebesondelene kangangokuthi ngesikhathi uMsimango edubula ebulala umngani wakhe omkhulu ngephutha ngoLwesihlanu, akazange acabange kabili uvele wabhekisa isibhamu kuye wazidubula.
Laba bobabili bebedume ngokuhlezi bedlala, kodwa ekudlaleni kwabo bebehlezi bejabulile bezihlekela.
Ngesikhathi uMazibuko (31) efika egalaji likaphethiloli lakwa-Total eNquthu KwaZulu-Natal, umngani wakhe ubekhona ukuzomhlangabeza futhi ubese ekulungele ukudlala nomngane wakhe.
UMsimango (41) wamamatheka watshela uMazibuko ukuthi udinga imali.
“Awazi ukuthi nginesibhamu?” esho emamatheka ephakamisa isibhamu sakhe uMazibuko.
Ngesikhathi besahleka bedlalisana bobabili umunwe kaMsimango uvele washelela wazithuka esedubula umngani wakhe ngephutha washonela endaweni yesigameko uMazibuko.
UMphostoli Mazibuko uyise kaBonginkosi uthe babikelwe ngalesi sigameko base bephuthuma khona.
“Ngesikhathi sifika bese beshonile bobabili, omunye elele phezu komunye ngendlela obungalindela ngayo ukubona abantu abazwanayo,” kusho ubaba kaBonginkosi.
UMxolisi ubesethule phezu komngani wakhe. Kubikwa ukuthi ngesikhathi ebona ukuthi umngani wakhe ushonile akwenzile unqume ukuzibulala.
“Kubukeka sengathi inhlamvu ibisele kwisibhamu kanti umngani wakhe ubengayibonanga. UMxolisi ekubona lokho akwenzile uhlohle isibhamu wazidubula.”
UMphostoli uthe ozibonele le nkanankana watshela imindeni ngokwenzekile.
Uthe laba ababili sebezwane iminyaka eyishumi. Bahlangana ngesikhathi besebenza embonini yamatekisi, uMxolisi kuthiwa ubesenetekisi lakhe.
Umalume kaMsimango, uThemba Msimango uthe imindeni yombili ilahlekelwe kakhulu. Uthe wonke umuntu uyazi ukuthi laba basondelene kangakanani futhi akekho obazi ukuthi kuzophetha ngale ndlela.
Uthe ngesikhathi umshana wakhe ebona okwenzekile wakhala wathi, “Ngibulele umngani wami,” ngaphambi kokuthi azidubule awele phezu kukamngani wakhe.
Kodwa imindeni ike yaxhumana ngenhloso yokuzama ukwakha ukuthula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNquthu aphenya amacala amabili okubulala.
Isithombe sokuqala: UMxolisi Msimango ozibulele ngemuva kokudubula abulale umngani wakhe uBonginkosi Mazibuko ngephutha