Kamogelo Olaitan
Izikhukhula e-Nigeria zibulale abantu abangaphezu kuka-600 futhi zaphoqa abangaphezu kuka-1.3 million ukuba bashiye amakhaya abo ngenyanga edlule.
Lezi zikhukhula ezinamandla zidalwe imvula enamandla nokuphuma kwamanzi eqile edamini elisezweni elingumakhelwane i-Cameroon, kusho uNgqongqoshe weziNdaba zoSizo nokuLawulwa kweziNhlekelele ezweni eliseNtshonalanga ye-Afrika uSadiya Umar Farouq esithangamini nabezindaba ngeSonto.
UFarouq uthe lezi zikhukhula zivale amahektha angaphezu kuka-100,000 amapulazi kanti amakhaya angu-200,000 acekeleke phansi, ashiya izinkulungwane zabantu bengenamakhaya.
“Sicele iziphathimandla zendawo ukuthi zikhiphe abantu abahlala ezindaweni ezisengozini kakhulu. Iziphathimandla zihlinzeke ngokudla nokunye ukulekelela abathintekile,” esho.
Le nhlekelele ihlasele izifundazwe ezingu-27 kwezingu-36 zase-Nigeria, kubika i-BBC Africa.
Ngesonto eledlule, abantu abangu-76 baminza esifundazweni sase-Anambra ngesikhathi kugingqika isikebhe ngesikhathi bezama ukubalekela izikhukhula.
UMengameli uMohammed Buhari useqalile ukusabalalisa kwamathani angu-12 000 okudla nezinto ezingezona ukudla ezifundazweni ezicekelwe phansi izikhukhula zakamuva.
UMnyangokanye nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo basebenzela ukusebenzisa Uhlelo likaZwelonke lokuLungela Izimo eziPhuthumayo nezokuPhendula olusanda kugunyazwa uMkhandlu Ophethe Kahulumeni.
Umhlengikazi okhulume ne-Washington Post uChiamaka Ibeanu, uthe uthole ukuthi umndeni wakhe ususiwe ngesikhathi ikhaya labo likhukhulwa amanzi e-Ossomari.
“Kuyadabukisa. Abantu basale bengenamakhaya isigubhukane futhi sebephenduke abantu abanhlwempu emasontweni ambalwa nje. Noma ngabe bebecebe kangakanani, ukususwa kwabo ezindaweni zabo kushintshe izimpilo zabo kakhulu,” kusho u-Ibeanu.
Kulindeleke ukuthi izikhukhula ziqhubeke kuze kube sekupheleni kukaLwezi ezifundazweni zase-Anambra, e-Delta, e-Cross River kanye nase-Bayelsa.
Ngo-2012 i-Nigeria yaba nezikhukhula ezaqala ngoNtulikazi walowo nyaka ezabulala abantu abangu-363 zashiya abantu abangaphezu kuka-2.1 million bengenamakhaya ekuqaleni kukaLwezi.
Ngaleso sikhathi i-National Emergency Management Agency yabika ukuthi izifundazwe ezingu-30 kwezingu-36 zakuleliyazwe zikhahlamezekile ngenxa yezikhukhula.
Isithombe esingenhla: Indoda imi esigodini sase-Nigeria esigcwele amanzi
Umthombo: BBC