Buziwe Nocuze
Umfanyana (7) wase-Belhar eKapa kusolakala ukuthi uzibonele ngawakhe uyise ebulala umama wakhe ngesikhathi eya esikoleni ngoLwesihlanu ekuseni.
Umama womfanyana nodadewabo kamama womfanyana bebehambisa ingane esikoleni ngesikhathi behlangana noyise wayo.
Ubaba ucele ukuhambisa indodana yakhe esikoleni umama womfanyana wavuma.
Kuthiwa ngemuva kwemizuzwana uye wadonsa isibhamu phambi kwendodana yakhe wadubula unina womfanyana washona.
Udadewabo kamama womfanyana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi ubaba womfanyana ecela ukuhamba nodadewabo, “ngiye nganquma ukubanika indawo futhi ngabashiya.”
Akazange afike kude ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.
“Cishe ngizwe isibhamu siqhuma kathathu; ngesikhathi ngibheka emuva, ngabone ubaba womfanyana ebaleka udadewethu elele emgwaqeni.
“Abantu bebehayiza bebiza igama likadadewethu, ngiye ngagijima ngaya kuye ngambona edonsa umoya okokugcina.”
Udutshulwe ekhanda.
“Ingane ngeke iphinde iphile impilo efanayo ngemuva kokubona unina ebulawa ngaleya ndlela emgwaqeni,” esho.
“Ukuhlukumezeka ingane edlule kukho kuzoyilimaza, futhi impilo yayo ngeke iphinde ifane.”
Uchaze ubudlelwano phakathi kukadadewabo nomsolwa njengobunobuthi futhi nobuhlukumeza kakhulu.
“Ubehlukumeza udadewethu futhi emncenga ukuthi babuyelane, kodwa udadewethu ubesanele ukuhlukunyezwa. Ubengeke abuyelane naye ngoba wakhulelisa omunye wesifazane ngesikhathi ehlala naye.”
Uthe umndeni ujabulile ukuthi umsolwa uboshiwe, yize lokhu kungeke kumbuyise udadewabo.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uSayitsheni Wesley Twigg usiqinisekisile lesi sigameko wathi owesilisa (27) uboshiwe mayelana necala lokubulala owesifazane (25) ngoLwesihlanu.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bellville maduze.