Usizi belahlekelwa ilungu lomndeni kwesomlilo ngemuva kokungcwaba elinye

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Okucashuni : Inhlekelele ehlasimulisa umzimba emndenini wakwaMfana ngesikhathi umlilo ushisa umuzi wabo ngosuku olulandela umngcwabo kwashona oyedwa.

Kwenzeke isihluku emndenini wakwaMfana eGugulethu, eKapa ngesikhathi wehlelwa isibhicongo. Umuzi wabo obusakhungethwe umunyu ngemuva komngcwabo ugqagqelwe amalangabi kwashona u-Itumeleng Kgati (22).

Umzala ka-Itumeleng ososizini uJeffery Mfana uchaze ngemininingwane edabukisayo yale nhlekelele.

“Sibe nomngcwabo ngoMgqibelo kwathi ngeSonto umndeni wabasa imbawula,” kusho uMfana obekungcwatshwa umfowabo ngosuku olwandulela lelo.

“Sithathe imbawula sayifaka endlini ukuze sifudumale. Ngezithuba zehora lesishiyagalolunye ebusuku ngihambile ngayolala egumbini elingaphandle ngashiya amanye amalungu omndeni otha imbawula.”

UMfana uvuke ngabo-11 ebusuku ezwa abantu bekhala bethi kunomlilo.

“Ngiphuthume ngaphandle ngabona umuzi wakithi uvutha amalangabi.

UMfana uthole ukuthi amanye amalungu omndeni akwazile ukuphuma emlilweni ovuthayo kodwa baye baphatheka kabi ngesikhathi bethola ukuthi u-Itumeleng akazange aphume.

“Besimkhohliwe u-Itumeleng. Siye sathuka ngesikhathi kufika abezicishamlilo. Yilapho esibone khona ukuthi akaphumanga endlini. Namanje asikholwa ukuthi usale  ngaphakathi ngephutha,” kusho uMfana.

“Abebengaphakathi babalekile basindisa izimpilo zabo. Abambonanga ngoba ubelele kwelinye igumbi engekho eduze namanye amalungu omndeni ngakho bebezitshela ukuthi naye uphumile endlini.”

UMfana uxwayise umndeni ukuthi kubalulekile ukuthi ukhiphe imbawula ngaphandle ngaphambi kokuyolala.

UXolile Rani oyilungu lekomiti lomgwaqo uthe bazamile ukusiza umndeni kodwa kwala kona ngoba umlilo ubusuwone kakhulu.

“Akekho umuntu okufanele adlule kulokhu ababhekene nakho. Basanda kungcwaba ilungu lomndeni manje sekumele balungiselele umngcwabo wesibili. Sithandazela ukuthi bathole usizo,” kusho uRani.

Esithombeni esigenhla: UJeffery Mfana oshonelwe umzala wakhe ngemuva kokungcwaba umfowabo

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva