Usizi behlaselwa izikhukhula eKomani 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Izakhamizi zase-Komani zivuke idolobha lazo lonke ligcwele amanzi ngenxa yokudilika kodonga lwedamu kulandela imvula enamandla enethe kusukela ngoLwesibili kusihlwa.

Abantu abaningi bebedinga ukukhishwa kule ndawo ngoLwesithathu ekuseni ezikhukhuleni eziphinde zacekela phansi indawo yokugembula kanye nesibhedlela.

Umasipala wendawo i-Enoch Mgijimi uchaze esitatimendeni ukuthi izindawo eziphansi ezithintekile. Bathe ithimba lezinhlekelele likhipha abasengozini.

“Njengamanje izingxenye zeDolobha, i-Top Town kanye ne-Sandringham zithikamezekile ngenxa yokunqamuka kukagesi okubangelwe yilo monakalo,” kusho isitatimende.

Lezi zikhukhula ezisabalele idolobha lonke ziphazamise ukuhamba kwezimoto eziphuma emizini yabantu ezindaweni eziphansi zaphinde zalimaza nengqalasizinda kagesi esiteshini sase-Ebden okubalwa nesibhedlela esizimele sase-Komani.

Namuhla ekuseni ekhasini lenkundla yezokuxhumana laleli dolobha izakhamizi ebezithukuthele zikhwele zadilika kubaphathi bedolobha ngokwehluleka kwabo ukugcina ingqalasizinda yamanzi isesimweni esihle.

“Ngesikhathi sinesomiso lapha usomabhizinisi wacela ukukhuculula udaka edamini lase-Bonkolo mahhala,” kubhala omunye wabasebenzisi bezinkundla zokuxhumana.

“Masipala wendawo Enoch Mgijima. Abantu bakho abangafaneleki bebefuna ukumkhokhisa ukuthi enze lo msebenzi omuhle. Ukube udaka belususiwe ngabe asinayo le nkinga!”

Kusungulwe iKomiti lokuSebenza ngokuhlanganyela eliholwa uMasipala wesiFunda iChris Hani namuhla ekuseni ngenhloso yokubhekana nezikhukhula.

Esithombeni esingenhla: Isibhedlela esigcwele amanzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva