Usizi amaProteas ephuma emqhudelwaneni

Razeen Gutta

Ama-Proteas asephumile emqhudelwaneni we-ICC Women’s World Cup.

Ahlulwe yiNgilandi e-Christchurch ngoLwesine, baqeda umdlalo wabo omuhle kulo mqhudelwano.

AmaProteas awine i-toss iNgilandi yashaya kuqala. Ngaphandle kwamawikhethi ehlayo ngezikhathi ezijwayelekile nangesikhathi uShabnim Ismail ethatha amathathu kwangu-46, iNingizimu Afrika ithwale kanzima enkundleni njengoba iNgilandi ifinyelele ku-293/8 kuma-overs abo angu-50.

Ukujaha amaphuzu aphezulu kangaka emdlalweni womkhumulajezi akulula futhi iNingizimu Afrika ithwale kanzima zisuka nje ngesikhathi umshayi magoli ohamba phambili kulo mqhudelwano uLaura Wolvaardt ekhishwa ngaphandle kokushaya igoli.

Uzakwabo kaWolvaardt uLizelle Lee uye wawa ngemuva kwesikhashana kwathi umdlali omaphakathi wakuthola kunzima ukubhekana nomdlali wesobunxele uSophie Ecclestone oqede ngamaphuzu angu-6/36. Ama-Proteas akhishwe enamaphuzu angu-156, ahlulwa ngama-run angu-137.

Umdlali ovelele uDanielle Wyatt uqophe  irekhodi lama-run ayikhulu phezu kwiNgilandi, waqeda ena-129 emabholeni angu-125 ngemingcele engu-12.

“Ngijabule kakhulu. Bekuwumdlalo ophelele kuwo wonke amantombazane namuhla. Manje sizoba nezinsuku ezimbalwa zokuphumula ngemuva kwalokho sizobe sesilungele umdlalo wamanqamu,” kusho uWyatt ngemuva komdlalo.

“Sizamile nje ukuthi sibe esimweni esihle futhi sibe nesiqalo esihle eqenjini. Kube wuhambo olude.”

Ama-Proteas kakaputeni uSune Luus ahlulwe umdlalo owodwa kuphela umqhudelwano wonke futhi ukulingana kahle kweqembu kucishe kwabasiza ukuthi bahambe ibanga elide.

Ngalolo suku, iNgilandi ibiyinhle kakhulu. Ompetha abavikela isicoco bazobhekana ne-Australia kowamanqamu ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA

Izihloko zakamuva