Usizi abebeyosoka bebhubha emlilweni

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abebeyosoka abathathu bashe bangqongqa ngoLwesibili ngesikhathi umlilo ushisa iqhugwane labo esikoleni sokusoka esise-East London elokishini lase-Mdantsane.

Umelaphi wendabuko wase-Mdantsane u-Andile Siko uthe abahlengikazi bendabuko bacabange ukuthi umlilo bekuwukukhanya kwemoto ebidlula.

“Ngesikhathi beqaphelisisa bathole ukuthi indlu yokusoka imbozwe umlilo kanti abebeyosoka bavaleleke ngaphakathi.

“Abahlengikazi bendabuko bazamile ukusiza kodwa badonse ababili babo abashonele esibhedlela ngemuva kwamahora ambalwa. Akukacaci ukuthi umhlengikazi wendabuko ubekuphi,” kusho uSiko.

Isikhathi sokusoka sasebusika sivulwe mhla zinhlanu kuNhlaba ngomkhankaso othi-“Zero Deaths” ngaphansi kwendikimba ethi “Mabaye bephila, Babuye bephila”. Kulindeleke ukuthi ukusoka kuvalwe ngokusemthethweni ngoNtulikazi.

I-Eastern Cape idume ngokushona kwabasokayo. Minyaka yonke ababeyosoka abangaphezu kuka-20 balahlekelwa izimpilo zabo ngenxa yalolu siko lasendulo.

USihlalo wendlu yabaholi bomdabu e-Eastern Cape, iNkosi uMpumalanga Gwadiso usiqinisekisile lesi sigameko wathumela imiyalezo yenduduzo emindenini elahlekelwe.

“Sikhungathekile ngokudlula emhlabeni kwezinsizwa ezintathu ezishone ngesikhathi indlu yokusoka e-Mdantsane isha ingqongqa. Sibhekene nengwadla,” kusho uGwadiso.

UGwadiso uthe imininingwane yesigameko ayikacaci.

“Sizwile ukuthi umlilo uqale ngaphandle base bevaleleka ngaphakathi.”

UGwadiso unxuse abahlengikazi bendabuko nabasokayo ukuthi baqaphele nokuthi bahlale beqaphe imililo. Uthe abahlengikazi akumele bashiye abasokayo bebodwa ikakhulukazi ebusuku.

Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kulesi sifundazwe uMamnkeli Ngam uthe abebeyosoka abathathu baneminyaka engu-17 futhi bonke baye kule ndawo ngokungemthetho.

UNgam uthe basokwe ngoLwesihlanu ngomhlaka-16 kuNhlangulana 

“Abahlengikazi bendabuko basizile ngokucisha umlilo kanti ababili abebeyosoka baphuthunyiswa esibhedlela iCecilia Makiwane e-Mdantsane. Bobabili bashone ngemuva kokungeniswa ewodini labashile esibhedlela iCecilia Makiwane,” kusho uNgam.

“Kubikwa ukuthi umhlengikazi wabo – ogama lakhe elingaziwa – ubengekho ngesikhathi kusha,” esho.

UNgam uthe amaphoyisa aseVulindlela avule idokodo ukuze kube nophenyo.

Ababili abashonile bekungabazala base-Peelton ngase-Mdantsane.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva