Usizi abantu beyofuna amatoho enxanxatheleni yezitolo e-Alex

Everson Luhanga

I-Pan Mall e-Alexandra yavalwa ngonyaka odlule ngemuva kokuzitapela ezitolo okwenzeka ngesikhathi sothuthuva olwasuka ngoNtulilazi.

NgoLwesine inxanxathela yezitolo – obekumele yakhiwe kabusha ngemuva kwezigameko ezenzeka ngoNtulikazi – iphinde yavulwa ngo-9 ekuseni. Abantu bebeme ulayini omude ngehora lesikhombisa ekuseni.

Esikhundleni sokulwela obhasikidi bokuthenga nokubheka izipesheli ezitolo ezahlukene ngesikhathi kuvulwa, abantu bebeletha ama-CV abo ezitolo.

Izinga lokungasebenzi kwabantu lobonakale ngesikhathi inqwaba yabesilisa nabesifazane bengena ezikhwameni zabo bekhipha ama-CV bewahambisa ezitolo ezahlukene.

Omunye obekhona ngosowesifazane osemusha uCharmaine.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wenze amakhophi angu-10 e-CV yakhe ukuze awahambise ezitolo ezahlukene mhlawumbe lokho kuzomsiza ukuthi abe namathuba okuthola umsebenzi.

“Mina nodadewethu oyiwele lami siphelelwe umsebenzi ngemuva kokuthi kugqekezwe izitolo abantu bazitapele.

“Kube nzima ngesikhathi kungasebenzi noyedwa kuthina futhi namanje akekho osathole umsebenzi,” kuchaza uCharmaine. 

Uthe njalo ngezimpelasonto uyazabalaza ukuthola izinto zokuhamba ukuze aye enxanxatheleni yezitolo eziseduze njenge-Mall of Africa, i-Sandton, i-Kempton Park, i-Randburg ukuze ahambise i-CV yakhe. Kodwa izinyanga eziyisikhombisa, akakwazanga ukuthola okuthile okuphathekayo.

Njengezinkulungwane eziningi zabanye uCharmaine ufuna umsebenzi, noma imuphi.

Khonamanjalo, kunokukhathazeka kokuthi amalungu eDudula adala uthuthuva ngaphandle kwenxanxathela yezitolo.

Sekuphele cishe amasonto amabili amalungu eDudula esusa abadayisi basemgwaqweni abaphuma kwamanye amazwe futhi beshisa nezitolo zabo.

NgoLwesibili kuleli sonto, amalungu eDudula ashaqe impahla nemfuyo yabantu bakwamanye amazwe akuyisa esiteshini samaphoyisa e-Alexandra.

NgoLwesine amalungu eDudula abehamba izitolo ebuza abanikazi bazo ukuthi baqashe obani ezitolo zabo.

Scrolla World Cup Quiz