Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
UVincent Mai wase-Grey High owaxhasa uSiya Kolisi ngomfundaze wesikole, usephinde wangenelela. Ukaputeni wamaBhokobhoko nomndeni wakhe ngeke bachithe iminyaka emibili ezayo e-Paris.
Manje njengoba isivumelwano senziwe, kusobala ukuthi siyinto elungele wonke umuntu, kodwa bekungaba isigwebo seminyaka emibili ebesizozwakala njengomsebenzi onzima.
Emasontweni ambalwa edlule, umnikazi weqembu lombhoxo iRacing 92, uJacky Lorenzetti, uzibambele mathupha, wathi ubengazimisele ukwamukela inkokhelo ezongena kamuva ukuze akhiphe ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi enkontilekeni yakhe.
Ngesikhathi uSiya ethuthela e-Paris, wanconywa ngokwenza umsebenzi omuhle ekilabhini, ikakhulukazi ngaphandle kwenkundla, kodwa lokho akuzange kuhlale isikhathi eside.
ULorenzetti wenze isimemezelo sakhe ngoSiya ngemuva komdlalo ne-Bordeaux, ethi uSiya ubengekho ezingeni lakhe.
“Ukhuluphele futhi umzimba wakhe awukho esimweni. Izolo ubebonakala nje,” kusho uLorenzetti kwabezindaba.
Enkundleni uKolisi ubehlushwa ukulimala, ephuthelwe imidlalo eminingi futhi ubengakaze abe seqophelweni eliphezulu.
NgeSonto, ekhuluma nephephandaba lase-France i-L’Equipe, uKolisi udalule ukuthi kufinyelelwe kwisivumeleano.
“Ngiyibonga kakhulu indlela iRacing esisingathe ngayo lesi simo,” kusho yena.
Uthe ngesikhathi edlala eNingizimu Afrika waphuthelwa izinyanga ezintathu ku-Top 14 kwisizini.
“Ngihola kahle kakhulu, futhi kungenza ngizizwe sengathi ngiyayintshontsha le mali kuRacing,” usho kanje.
“Ngenxa yempilo yami yomzimba kanye neqembu, ngifuna ukwenza okufanele. Angifuni ukutshala ingxenye yami kuphela. “
Osesithombeni esingenhla: USiya Kolisi.
Umthombo: Springboks/X
