Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi use-Argentina ulungiselela umdlalo wokuqala phakathi kwe-Pumas namaBhokobhoko ngoMgqibelo, kodwa hhayi njengomdlali.
Uzobe esebhokisini lomqeqeshi, efunda ngokuqeqesha futhi elungiselela isigaba esilandelayo somsebenzi wakhe.
URassie Erasmus uthe bekuvele kuwuhlelo lokuthi uKolisi angadlali kulo mdlalo.
“Ulapha ukuzosiza ukuhola iqembu ngaphandle kwenkundla,” kusho u-Erasmus, kubika iSuperSport.
“Into esifuna ukuyenza ukufaka uSiya ebhokisini lomqeqeshi. Akazi ukuthi kwenzakalani lapho.”
URassie uchaze ukuthi bafuna abone ukuthi izinqumo zithathwa kanjani nokuthi imiyalezo ithunyelwa kanjani kubadlali abasenkundleni.
“Senze okufanayo noDuane Vermeulen, kwathi ngemuva kwalokho, waba nokuqonda okusha. Siyethemba ukuthi uSiya uzokuzuza lokho kule mpelasonto.”
UKolisi udlale umdlalo wesibili bebhekene ne-All Blacks yize ephuke ikhala ebambana ngekhanda noSam Cane ngesonto eledlule.
Ngaphambi komdlalo, uRassie washo esithangamini sabezindaba ukuthi uSiya akakhathazekile ngokudlala ngenxa yobuhlungu obungase bube khona.
“Angase agcine esefana noKwagga Smith,” kuncokola uRassie.
“Angeke ngiphendule lutho,” kusho uSiya.
Ikhala alikakalungiswa, kodwa uSiya uzodlala nalo ikhala eliphukile kumdlalo wesibili ne-Argentina eMbombela ngomhlaka-28 kuMandulo. Ikhala lizolungiswa ngemva kwalowo mdlalo.
NgoMgqibelo, uSalmaan Moerat uzobhekana nesivivinyo esinzima sobuholi uma esengukaputeni wamaBhokobhoko e-Santiago del Estero.
Osesithombeni esingenhla: USiya Kolisi.
Umthombo: Springboks/X