USisulu ukhahlela izindlu zomxhaso, uthukuthelise abahlali basemjondolo asebeneminyaka eyishumi belindile

Isinqumo sikaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu sokumisa ukuhlinzeka ngezindlu zomxhaso kubantu baseNingizimu Afrika abaswele, sicasule abantu abahlala emijondolo.

USisulu utshele izifundazwe ukuthi umnyango wakhe ngeke usazeseka izinhlelo ezintsha zokwakhiwa kwezindlu futhi bazogxila ezindaweni  eizinabanikazi lapho abafisa ukuzakhela khona izindlu zabo.

Uthe, izindlu zamahhala zidala isiko lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazibone benelungelo.

Umhlali waseMlazi ohlala eMjondolo uMthokozisi Dlamini uphendule wabhekisa kuNgqongqoshe.

“Uma bethola yonke into mahhala, akusilo usiko lokuthola ilungelo, kodwa ingoba kungokwethu. Lokhu akwenzayo ukugqugquzela udlame. Lokhu kuzoba nemiphumela emibi.”

UDlamini uthe sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi elinde indlu yomxhaso.

“Okusho ukuthi ngeke ngiyithole indlu yami ngemuva kokulinda isikhathi eside kangaka. Lokhu kuyacasula.”

USisulu uthe, abantu abazobhekelelwa ngabantu asebekhulile, omakadebona bezempi, abantu abaphila nokukhubazeka nemindeni ephethwe yizingane.

Lesi sinqumo siqeda imigomo yezindlu zomxhaso esithathe amashumi eminyaka kuhulumeni oholwa yi-ANC ukuhlinzeka izindlu mahhala.

USheila Mkhize waseMlazi kwa-V akazange athule naye.

“Ngenxa yokuthi angimdala futhi angiyena umakadebona kwezempi, ngeke ngiyithole indlu yomxhaso. Ukhuluma umbhedo,” kusho uMkhize.

Uthe, akakwazi ukuzakhela indlu njengoba ethembele kwizibonelelo zikahulumeni ukuze aphile.

UMqapheli Bonono, iPhini likaMengameli weqembu lezikhungo zokunxenxa Abahlali baseMjondolo uthe, ungqongqoshe uphoqa isinqumo esingamukeleki phezu kwabo.

“Uthi, bazonikeza abantu umhlaba onezinsizakusebenza, ngubani ozoba ngumnikazi walowo mhlaba, ngabantu noma uhulumeni? Udlala ngathi,” kusho uBonono.

Uthe, bazocela umhlangano naye ebese befuna ukucaciseleka ngasohlangothini lomnyango.

Izihloko zakamuva