USisi Virginia Khampepe: ijaji eligwebe uJacob Zuma

Lungani Zungu

Igama likaSisi Khampepe lizokhunjulwa emlandweni waseNingizimu Afrika, hhayi nje ngokuba yijaji eligwebe uJacob Zuma, kodwa ngomsebenzi ohloniphekile wezomthetho owandulela lokho.

NgoLwesibili, ijaji leNkantolo yoMthethosisekelo lifundele lowo owayengumengameli i-riot act ngaphambi kokumgweba izinyanga eziyishumi nanhlanu ejele.

Amagama asetshenziswe nguKhampepe ukukhipha isinqumo sakhe asabalale emithonjeni yezindaba yamazwe omhlaba.

Uchaze izitatimende zikaZuma ezenziwa maqondana nokulawulwa kombuso “njengezinto ezivusa uchuku, ukunganaki futhi azinamandla.”

Isinqumo esikhishwe ngoLwesibili singachazwa njengesiphetho esihle somsebenzi kaKhampepe, njengoba ezoshiya izintambo endimeni yakhe yezobulungiswa ngasekupheleni konyaka ngemuva kweminyaka engamashumi amabili esemkhakheni wezomthetho.

UKhampepe oneminyaka engama-64, uzalelwe e-Soweto kwathi ngemuva kokuphothula umatikuletsheni waya eNyuvesi yase-Zululand wayofundela ubummeli.

Ngowezi-1980 waqhubeka nokukhuphuka okumangalisayo ngesikhathi eqeda iziqu zakhe azibhalisa e-Harvard Law School eMelika, aziphothula eminyakeni emibili kamuva.

Waqala umsebenzi wakhe wokuba ngumeluleki wezomthetho kwi-Industrial Aid Society ngowezi-1980, lapho ayelwela khona izimo zokusebenza ezingcono zabasebenzi abamnyama.

Njengommeli osemncane uKhampepe, umama wezingane ezimbili, wayezimisele ukuba yijaji eNkantolo Yomthethosisekelo, okuyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni.

Waqhubeka nokhuphuka isitebhisi kwezomthetho wabe esesungula inkampani yakhe yezomthetho ngowezi-1985 ebizwa nge-SV Khampepe Attorneys.

Lowo owayengumengameli uNelson Mandela wayibona impumelelo yakhe futhi wamkhetha njengomunye wamakhomishani eKomidini Lamaqiniso Nokubuyisana (TRC) ngowezi-1995 kwathi eminyakeni emithathu kamuva ngowezi-1998, waqokwa njengePhini Likamqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, kwalandela ukuqokwa njengejaji lenkantolo ephakeme.

Lowo owayengumengameli uThabo Mbeki, ehlabeke umxhwele ngokuzimisela kwakhe emsebenzini engagudluki, wamkhetha ukuba abhekele ukhetho lwase-Zimbabwe ngowezi-2004. UMbeki wachaza uKhampepe, ngaleso sikhathi, “njengongakhethi ekulweleni intando yeningi.”

Ngemuva kwezinyanga nje uZuma ekhethwe njengoMengameli wezwe ngowezi-2009, wamletha waba yijaji leNkantolo Yomthethosisekelo.

Eminyakeni eyishumi nambili kamuva, ngoLwesibili uKhampepe usayine isiphetho sikaZuma ngesikhathi efunda isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo emelene naye.

Kube uphawu lomsebenzi omangalisayo wezomthetho.

Izihloko zakamuva