Usindile obezama ukuzibulala eMphophomeni

Kamogelo Olaitan

Usindile owesilisa okusolakala ukuthi uzame ukuzibulala ngokugxuma esuka endaweni ephezulu e-Howick Falls KwaZulu-Natal.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo kukholakala ukuthi lo wesilisa usindiswe izihlahla namadwala.

Abezimo eziphuthumayo e-Midlands bathi bathole izingcingo eziningi ngomlisa oneminyaka engu-35 ubudala oziphonse e-Howick Falls ngoLwesibili babe sebephuthuma endaweni yesigameko.

“Unogada ocabange ngokushesha endaweni yesigameko ucele usizo kanti abanye abebeseduze baqale ukwehla beza kulo mlisa ngezinyawo,” kusho abezimo eziphuthumayo.

Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo, amaphoyisa okusesha nokuhlenga, kanye nabezokuphepha bendawo befika kulo wesilisa oziphonsile uqale ukuhamba ngosizo lwalabo abakade bekhona.

I-TimeLive ibike ukuthi lo wesilisa ulashwe endaweni yesigameko wabe esephuthunyiswa esibhedlela sendawo.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva