Usinde ngokulambisa umfana ocishe waphoseka emgodini onamanzi 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ibathusile ingozi ecishe yaxabanisa umphakathi wasemakhaya endaweni yaseMbazwana ngesikhathi uThabiso Mdletshe oneminyaka eyishumi eshibilika emgodini ongabiyeliwe owakhiwe izakhamuzi ngokwazo.

UThabiso usindiswe abantu abebelinde kulayini bezokha amanzi. Uphunyuke engenamyocu, kodwa umndeni wakhe uthe lesi sigameko siyohlale siyisikhumbuzo esibuhlungu kubo ngokwehluleka kukamasipala ukunikeza izidingongqangi.

“Sicishe salahlekelwa ingane,” kusho umalume kaThabiso, uMusa Makhoba.

“Ukube bekungesona isakhamuzi esigxume samhlenga ngabe sikhuluma okunye, njengoba izikhulu bezizofika  ngemuva kwendaba sezifika nezintatheli .”

Baphinde bachaza ukuthi uThabiso uhlukumezekile futhi uyesaba ngemuva kwesigameko.

“Nezinye izingane ziyesaba,” kusho uMusa.

Ngemuva kwamashumi eminyaka uMasipala wakwa-Mhlabuyalingana uhudula izinyawo ngezidingongqangi kanti umphakathi usukhethe ukuzenzela izinto. 

Umgodi owakhiwe ungamamitha ayisithupha futhi usiza umphakathi ekukheni amanzi usuthathwa njengendawo engaphephile. 

Umholi womphakathi uKhuzimpi Mzimela uthe ngemuva kwezethembiso eziyize zikamasipala banquma ukusukuma bazizamele njengo mphakathi.

Uthe baqoqa o-R2500 umuzi ngamunye ukuze bathenge izitini nosimende.

“Sikwazile ukugumba umgodi, kodwa saphelelwa imali. Indawo enomgodi ayibiyeliwe futhi iyindawo lapho amanzi agcinwa khona awufakiww usimende okwenza amanzi angibikahle. Ingxenye ephezulu nayo ayifakwanga okuyinto eyingozi kakhulu,” kusho uMzimela.

“Uhulumeni ubelokhu esithembisa amanzi kusukela ngo-1994. Siya okhethweni ngonyaka ozayo ngakho sizophinde sibabone benza zonke izithembiso eziyize.”

AbakwaMasipala wakwaMhlabuyalingana benqabile  ukuphawula.

Osesithombeni esingenhla: Isakhamuzi uSipho Kunene ekha amanzi emigodini owakhiwe izakhamuzi

Umthombo wesithombe: Sithuyelwe

Izihloko zakamuva