Usinde ngokulambisa umculi ekhandwa ngamatshe 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umculi we-hip-hop osafufusa waseKapa uLuvo “Jiji” Martin uhlaselwe ngesihluku abantu abangaziwa abamkhande ngamatshe nokuyinto eholele ekutheni aphume amazinyo amane.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi lo mculi esendleleni ebheke ekhaya ephuma esitudiyo ngaphambi kwehora lesishiyagalolunye ebusuku ngoMsombuluko.

Ekhumbula lesi sigameko esihlasimulisa umzimba uMartin uzwakalise ukushaqeka wathi “bekuwusuku olumatasa elokishini futhi bengingakaze ngicabange ukuthi ngingahlaselwa lapho engazalelwa khona. Laba bahlaseli beze kimi bangitshela ukuthi ngicabanga ukuthi ngingcono kunabanye abantu.”

Ngesikhathi uMartin ezama ukuqonda lokho abebemsola ngakho isimo siye sashuba ngokushesha abahlaseli bakhe bamshaya ngenqwaba yezitini.

“Ngesikhathi bengihlasela bebelokhu bethi ngizitshela ukuthi ngiyisihlabani bathi bazongifundisa isifundo sokungabi ngcono kunabanye. Bangishaye ebusweni ngawa phansi. Ngemuva kwalokho kuvele kwaba mnyama,” kusho uMartin.

Okushaqisayo abahlaseli baye baqhubeka nokuhlasela uMartin ngesikhathi elele phansi engenakuzivikela.

Ezama ukuthola incazelo ngalokhu kuhlaselwa uthe: “ngikholelwa ekutheni abangihlasele basatshiswa umsebenzi wami. Cishe bebazi ukuthi sengizokhipha i-albhamu kanti ukuhlasela bekuyimizamo yokuqeda ukuzethemba kwami ngoba angisabukeki ngendlela ebengiyiyo ekuqaleni.”

Manje uMartin ubhekene nomsebenzi onzima wokuqongelela imali ukuze abuyisele ukumamatheka kwakhe nokuthi aphinde abuyise ukuzethemba.

“Lesi sigameko siyimoshile impilo yami. Ngihlezi ngicashile ngoba benginokumamatheka okuhle nohleko oluthelelanayo kodwa manje angisakwazi nokuzibuka esibukweni ngaphandle kokukhala. Angikwazi ukucula ngingale ndlela,” esho.

UMartin akazange abike ngalesi sigameko emaphoyiseni ngoba akazange ababone abahlaseli bakhe.

“Iqiniso elibuhlungu ukuthi angibabonanga ukuthi bangobani. Ukuya esiteshini samaphoyisa bekuzongimoshela isikhathi ngoba bebezothungatha abantu engingabazi nokubazi, bebezoqala ngaphi?”

Bemeseka ngalesi sikhathi esinzima abalandeli bakhe bathole ukuxhumana phakathi kosizi lwakhe kanye nesihloko se-albhamu yakhe ezayo ethi-Beautiful Pain.

UNobhala we-Nyanga Community Policing Forum, uDumisani Qwabe uzwakalise ukukhathazeka ngesinqumo sesisulu sokungabiki lesi sigameko. Uthe ukungabiki amacala kuphazamisa ukuqoqwa kwezibalo zobugebengu eziqondile ezindaweni ezithile.

“Abantu kumele baphumele obala babike izigameko ezifana nalezi esiteshini samaphoyisa ngoba ngale ndlela abomthetho bangaqala uphenyo ezindaweni ezifanele. Uma amacala engabikwa sizoba nezibalo ezingaqondile nokuyinto eshiya izakhamizi zingazi ukuthi ubugebengu bungakanani,” kusho. Qwabe.

Esithombeni esingenhla: Umculi waseKapa uLuvo “Jiji” Martin

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva