Buziwe Nocuze
Omunye wabagibeli ophoqeleke ukuba aphume ngewindi ebhasini lakwa-Golden Arrow ngemuva kokuthi liqhunyiswe ngebhomu likaphethiloli ngabashayeli bamatekisi eKapa ufuna inkampani yamabhasi ibanxephezele.
Osomatekisi bahlasele amabhasi eKapa kulandela isigameko esenzeka emasontweni amabili edlule ngesikhathi kuboshwa amatekisi nama-avanza asebenza ngaphandle kwezimvume.
Abanye abagibeli bamabhasi bathi sebemiswe izinyanga bengasebenzi bathi ngeke bahole besemakhaya.
“Ngisahlukumezekile ngemuva kokuphuma ebhasini ebelivutha. Ukuphila kwami ngeke kusafana njengoba ngilokhu ngikhumbula isenzo esinesihluku sangalolu suku,” kusho esinye isisulu sebhasi.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa omunye umgibeli wesifazane oneminyaka engu-36 ubudala wase-Khayelitsha uphuke umlenze nethanga.
“Ibhasi beliphuma e-Khayelitsha. Kodwa umshayeli usezwile ngokuhlaselwa kwabantu eNyanga wabe eseshintsha umzila,” kusho isisulu.
Ngeshwa indlela abebecabanga ukuthi iphephile iyona eshintshe izimpilo zabo. Ibhasi labo liqhunyiswe ngebhomu likaphethiloli.
Basizwe abantu abaphihlize amawindi ebhasi ukuze baphume.
Umgibeli ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe uhlale isonto lonke esibhedlela udokotela wamtshela ukuthi uzophuma ezinyangeni eziyisithupha.
“Imina owondla umndeni wami, lokhu kuyakhathaza futhi kuyacindezela. Angikwazi ukunakekela umndeni wami.”
Uthe ufuna i-Golden Arrow imsize ngoba ulimale ebhasini labo.
“Bekungafanele ngibe kulowo mzila. Ngikholwa ukuthi kumele bazibophezele ngokugcwele ngokwenzeke kimi.”
Okhulumela i-Golden Arrow uBronwen Dyker-Beyer ukholelwa ukuthi izicelo kufanele zithunyelwe kwa-Road Accident Fund.
“Bangathumela i-imeyili [email protected] futhi singabanikeza amafomu,” kwengeza uDyker-Beyer.
Umthombo wesithombe: @GalloImages