Usinde ngokulambisa odlwengulwe ngoSuku lwePhasika

Zukile Majova

Owesifazane osemusha usinde ekufeni kodwa waphuma amehlo empini yokufa nokuphila nomdlwenguli wakhe ngoSuku lwePhasika.

Intombazanyana (16), ilwela impilo yayo esibhedlela sase-Mthatha ngemuva kokuthi umdlwenguli wayo eyishaye wayikhipha amehlo ngaphambi kokuthi ayishiye phakathi nehlathi.

Le ntombazanyana ihambe ekhaya ngoLwesihlanu lwePhasika iyovakashela umngani wayo esigodini esiseduze sase-Cabazana ngaphandle kwase-Mt Ayliff, kodwa ayizange isabuyela ekhaya.

Indlela eya ekhaya idlula ngasehlathini kaehlathie idlula kuleli hlathi ngesikhathi owesilisa emhlasela emphoqa ukuthi angene ehlathini lapho amdlwengule khona amahlandla amaningi.

Ubemshaya, emklinya futhi emsabisa ngokuthi uzombulala kulolu sizi oluthathe amahora amaningi.

Umdlwenguli ushiye lo mfundi ofunda esikoleni samabanga aphezulu i-Phepheni ezitshela ukuthi ushonile kodwa ukwazile ukukhasa waphuma ehlathini wangena emgwaqeni lapho imoto ebidlula ngendlela ikwazile ukumthatha khona yahamba naye.

Le ntombazanyana nngeke ikwazi ukukhomba umdlwenguli wayo kodwa imchaze njengo ntanga kayise kodwa ubengeyena umuntu ake wahlangana naye endaweni yangakubo.

Isishoshovu samalungelo ezingane uPetros Majola we-Khula Community Project e-Eastern Cape uthe inhlangano yakhe isibhalele abomthetho ukuthi basize umphakathi wase-Cabazana ukubamba lo mdlwenguli.

Khonamanjalo esigodini sakwa-Bhaziya, e-Mthatha abalilayo bahlangene emngcwabeni wenye intombazanyana eyadlwengulwa yabulawa.

Umakhelwane obekholelwa ekutheni ukwenza ucansi nentombi nto kulapha isandulela ngculazi futhi kususa amabhadi, uye wamdlwengula le ntombazanyana wabe eseyiphula intamo ngaphambi kokulahla isidumbu sayo ngemuva kwesibaya sezinkomo.

Izihloko zakamuva