Lungi Langa
UThemba Zuma ubukele ethukile engaphansi kwetafula ngesikhathi kudutshulwa abangani bakhe abangu-12 endaweni yokucima ukoma e-Sweetwaters eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.
Umlimi oneminyaka engu-51 ubudala usinde ngokulambisa. Ubethukile ngisho nasekhaya uchithe amahora amaningana elele embhedeni ebanjwe uvalo engakwazi nokukhuluma namuntu.
UZuma ubesanda kuqeda umsebenzi wahamba eyohlangana nabangani bakhe njengoba ebejwayele ukwenza ngempelasonto, bafike baphuze ubhiya abambalwa eSamkelisiwe Restaurant okuyindawo yokucima ukoma ayibiza ngokuthi iseMjondolo.
“Ngifike lapha ngemuva kwehora lesihlanu kwabe sekufika isihlobo sami sizohlanganyela nami. Lesi sigameko senzeke sekudlule u-8.30 ebusuku,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Bengimi ngaphandle njengoba indawo ivamise ukugcwala bekukhona nezimoto eziningi zabantu. Ugesi ubungekho nathi sihleli ngaphandle.
“Ngesikhathi ugesi ubuya ilapho okwenzeke khona isigameko.”
Ukubuya kukagesi kulandelwe umsindo omkhulu wokuqhuma kwesibhamu.
“Kungene owesilisa ovele wadubula yonke indawo.
“Ngingene ngaphansi kwetafula ngashiya ubhiya wami. Ngisho sekuphelile ukudutshulwa ngishiye khona ubhiya wami ngagoduka,” kusho uZuma.
Esashaqekile ngenxa yokwethuka abesanda kukubona uthe bekunzima nokukhuluma.
“Bengingakwazi ukutshela muntu ukuthi kwenzekeni. Ngingene ekamelweni lami, kodwa angizange ngibuthi quthu ubuthongo.”
Ngesikhathi umlingani kaZuma ezwa ngalesi sigameko umxwayise kakhulu ngokuthi angaphinde avakashele izindawo zokucima ukoma. Uma efuna ukuphuza kumele aphuzele ekhaya.
Uthe uzokhumbula ukuphuza iziphuzo ezimbalwa nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma, kodwa usenovalo kusengenzeka futhi lokhu. Uphinde wathi usezohamba emini kuphela.