Usinde ngokulambisa obehlaselwa ingwenya

Umtshuzi usinde ngokulambisa ngemuva kokuhlaselwa ingwenya ngesikhathi egudla ogwini lwase-Queensland, e-Australia.

UMarcus McGowan (51) uzithole esengozini yokuphila nokufa ngesikhathi ingwenya yase-saltwater ifuna ukumhlasela eduze kwase-Haggerstone Island, ngase-Cape York.

“Bengisendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele,” kusho uMcGowan.

“Ekuqaleni bengizitshela ukuthi ushaka, kodwa ngisheshe ngabona ukuthi ingwenya.”

Ethatha isinyathelo ngokushesha, ukwazile ukuvula imihlathi yengwenya wazikhulula. Le ngwenya ibincane mhlawumbe ibingamamitha ayisithupha kuya kwayishumi ubude.

Ingwenya endala ibingafinyelela  kumamitha angu-20, kubika i-Insider.

Yize ephunyukile, kodwa ingwenya iphinde yenza umzamo wesibili wokumhlasela njengoba elahlekelwe isandla sakhe sokudla.

Ngenhlanhla, ngosizo lwabangane bakhe ukwazile ukubhukuda waze wafika esikebheni sabo lapho kuphephe khona. 

Ngesikhathi esengenile esikebheni, umngane wakhe umnikeze usizo lokuqala wanakekela amanxeba kaMcGowan futhi wamnikeza nemithi elwa namagciwane. Ube esehanjiswa ngendiza enophephela emhlane esibhedlela esiseduze ngaphambi kokuba adluliselwe e-Cairns ukuze aqhubeke nokwelashwa.

Evuma ubungozi bokubhukuda olwandle, uMcGowan ukugcizelele ukuthi ukungena endaweni yezilwane ezingaba yingozi njengoshaka nezingwenya kuyinkinga.

Ngamazwi akhe ubesendaweni  engafanele ngesikhathi esingafanele. 

Lesi sigameko sivuse uphenyo loMnyango wezeMvelo neSayensi e-Queensland.

Ukwenyuka kwesibalo sezingwenya e-Queensland sekuholele ekwandeni kwezigameko zokuhlasela.

Ukuhlaselwa kwabantu okuyingozi kuseyivelakancane uma kuqhathaniswa.

Kwesinye isigameko, ukutholakala kwamathambo omdobi muva nje phakathi kwezingwenya ezimbili kuqinisekise isigameko sokuhlasela okubulalayo.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Ingwenya

Izihloko zakamuva