Ngemuva kokuduka ehlathini lase-Australia owesifazane (48) ukwazile ukuphila izinsuku ezinhlanu engaphethe lutho kodwa enebhodlela lewayini namaswidi agcwele isandla.
ULillian Ip uqale uhambo ogwadule e-Australia State Victoria ngeSonto eledlule. Akabuphuzi utshwala kodwa ngaphambi kokuthi ahambe uye wakhumbula ukupakisha ibhodlela lewayini njengesipho somngani wakhe.
Kodwa-ke, ngemuva kwamahora amaningi eshayela uLillian uye waduka. Uye waqala washaywa uvalo. Ubethathe ijika okungelona kodwa ubengazi ukuthi ukuphi.
Izinto ziye zaba zimbi nakakhulu ngesikhathi imoto yakhe ibhajwa odakeni.
Ezinsukwini ezinhlanu ezilandelile uLillian usinde ngokuphuza iwayini nokumunca i-lollipop ephupha “amanzi nogwayi.”
Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa uye waqala ukuphelelwa ithemba lokuhlengwa.
“Bengicabanga ukuthi ngizofela lapho. Umzimba wami ubusukhathele ngoLwesihlanu,” esho, enezela ngokuthi “ubeselahle ithemba.”
ULillian uze wabhala incwadi abecabanga ukuthi iyincwadi yokuvalelisa emndenini wakhe.
Utshele i-Herald Sun yase-Australia ukuthi incwadi yakhe ifundeka kanje: “Uma ningangitholi ngalesi sikhathi ngiyobe sengshonile ngenxa yamakhaza. Nginithanda nonke. Ningangikhaleli.”
Ngesikhathi etholwa indiza enophephela emhlane yokusesha ubeqhele ngamakhilomitha angu-37 ukusuka edolobheni eliseduze.
Umcabango wakhe wokuqala ngemuva kokusindiswa? “Ngiyabonga Nkulunkulu iphoyisa lesifazane beliphethe ugwayi.”
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: ULillian usindiswe indiza enophephela emhlane ngemuva kwezinsuku ezinhlanu elahlekile ehlathini lase-Australia
Umthombo wesithombe: Twitter