Usinde ngokulambisa ehlaselwa uMengameli

Dylan Bettencourt

Uhide lwezimoto ezigada uMengameli wase-Nigeria uMuhammadu Buhari luhlaselwe amadoda abehlome ngezibhamu endaweni yangakubo e-Katsina ngempelasonto.

Okhulumela uMengameli uGarba Shehu ukuqinisekisile ukuthi kulimale abantu ababili ngesikhathi kuhlaselwa uhide lwezimoto zonogada, izicukuthwane kanye nabezindaba.

“Abahlaseli baxoshwe amasosha,” kusho ihhovisi likaMengameli.

Uhide lwezimoto luhlaselwe ngempelasonto ngesikhathi uMengameli ethatha uhambo oluya e-Daura ukuyogubha umkhosi wamaSulumane, i-Eid-ul-Adha.

“Abahlaseli bavulele ngenhlamvu bebhekise ohideni lwezimoto baxoshwa amasosha, amaphoyisa kanye nabasebenzi be-DSS abebephelezela lolu hide lwezimoto,” kusho uShehu.

“Abantu ababili ababekulolu hide bathole ukwelashwa ngenxa yokulimala okungatheni. Bonke abanye abasebenzi kanye nezimoto bafike ngokuphepha e-Daura.”

I-Katsina ingesinye sezifundazwe ezisenyakatho netshonalanga ye-Nigeria ezihlaselwe yizenzo zobugebengu lapho osekubulawe khona abantu abaningi kanye nezinkulungwane zabantu abathunjwa kusukela ngo-2015.

Amaphoyisa akule ndawo akuqinisekisile ukuthi umbutho wamasosha uhlaselwe ngesikhathi kuqashwe amaphekula ngosuku olufanayo lapho okubulawe khona amaphoyisa amabili.

I-Sokoto, i-Zamfara i-Kaduna, kanye ne-Katsina ngezinye zezifundazwe eziningi eziye zihlaselwa ngendlela efanayo.

Umthombo wesithombe: @PremiumTimesNigeria

Izihloko zakamuva