USikhosana uwine isicoco sethenisi e-Turkey

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umdlali wakuleli we-wheelchair tennis  ohamba phambili u-Alwandwe Sikhosana usaqhubeka nokwenza ezibukwayo.

Ohambweni lwakhe lwaphesheya e-Turkey wehlule uJose Pablo Gil wase-Costa Rica wathola isicoco sakhe sesine sesizini yakulo nyaka.

Njengamanje uSikhosana okuma-quarter final e-TBESF, uzodlala emiqhudelwaneni emine ngaphambi kokubuyela ekhaya ekuqaleni kukaZibandlela. Lona umqhudelwano wakhe wesibili ngemuva kokuwina isicoco se-ITF Futures ngoLwesithathu kwi-Aspendos Open.

Lesi sihlabani esidabuka elokishini laseMlazi KwaZulu-Natal sihlule uGil ngo 6-4, 6-1.

“Ngicabanga ukuthi okubalulekile kimina njengamanje ukudlala umdlalo owodwa ngesikhathi ngaphandle kokucabanga kakhulu ngokuzokwenzeka emdlalweni olandelayo,” kusho uSikhosana etshela i-Scrolla.Africa.

“Sekunesikhathi eside ngingadlali kunoma yimuphi umqhudelwano futhi kumele ngikukhumbule lokho. Ithenisi umdlalo ohlezi unezinto ezintsha futhi ngiqhudelana nabadlali abaqhudelana njalo.”

USikhosana uchaze ukuthi kuningi okuguquguqukayo emdlalweni wethenisi, okungaletha izinselelo ezengeziwe.

“Umqhudelwano wokugcina ubudlalwa kwibumba kanti nasekhaya bengizilolongela enkundleni eqinile ngakho bekufanele ngizijwayeze. Bengihamba phambili kodwa ngiye ngazitshela ukuthi lo mdlalo kumele ngiwuthathe kancane kancane. Kunyusa umfutho wami wokubamba isicoco nokuthuthukisa ifomu yami yokudlala ithenisi.”

Lo mfundi (22) waseNyuvesi yasePitoli ubonge umdlali wethenisi wakuleli uKgothatso Montjane ngokwenza uhambo lwakhe lube impumelelo.

UMontjane uyalele i-Tennis South Africa (TSA) ukuthi idlulisele isibonelelo sakhe sonyaka sika-R40,000 kuSikhosana ukuze akwazi ukubhekana nezindleko zakhe zokuhamba.

Kumele ngimbonge uKG [Montjane] ngokungisiza kulolu hambo,” esho.

“Benginayo imali yami yesibonelelo yakulo nyaka kodwa iphele ngoNcwaba ngesikhathi ngiya phesheya kwezilwandle.

“Ngiyajabula ukuthi uKG uyabona ukuthi nginamandla okuba umdlali osezingeni eliphezulu ngelinye ilanga.”

Izihloko zakamuva