USikhakhane uzimisele ukuyomela elakuleli kweyamazwe ngamazwe

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wakuleli uSiboniso Sikhakhane usanethemba elikhulu lokugqoka imibala yakuleli kweyamazwe ngamazwe.

Ukuze uSikhakhane ahlungele i-World Athletics Championship ezoba e-Budapest ngonyaka ozayo noma aye kuma-Olympics azoba e-Paris ngo-2024 kufanele agijime isikhathi esingu-2:09:40 ebangeni elingamakhilomitha angu-42.

Lona umsebenzi onzima. USikhakhane ugijime isikhathi esingu-2:11:49 kwi-Cape Town Marathon nyakenye.

Usondele kancane ekutheni amele elakuleli kwi-World Championships ebiseMelika kulo nyaka, lapho ahluleke khona ukuhlungela lo mqhudelwano wasalela emuva ngemizuzwana eyisishiyagalolunye.

“Ngikholwa ukuthi ngingagijima isikhathi esingcono kakhulu ngosuku oluhle, emzileni ophelele kanye nokuqeqeshwa okuhle,”  kusho lo msubathi (31) ophuma kwi-Phantane Athletics etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngingumuntu osebenza ngokuzikhandla nogxilile uma ngiziqeqesha. Angiyena umsubathi owenza izethembiso ezinkulu kodwa ngiyazi ukuthi ngiyakwazi ukugijima ngokushesha. Ngidinga ukuhlungela lo mqhudelwano bese ngingena esikwatini. “

Umsunguli we-Phantane uMdu Khumalo  ongumqeqeshi kaSikhakhane, uthe babheke ukumtholela umjaho waphesheya kwezilwandle ngonyaka ozayo.

USikhakhane usethubeni elikhulu lokungena kulo mqhudelwano. Uma ethole imiqhudelwano yaphesheya enabasubathi abasezingeni eliphezulu uzothuthuka. Ezweni lethu asinayo imiqhudelwano eminingi lapho abasubathi abangakwazi khona ukudlula izikhathi zokuhlungela,” esho.

Imibiko yemithombo esondelene naye iveza ukuthi ngoNdasa uSikhakhane ufake igama lakhe kwi-Zurich Barcelona Marathon, kodwa uKhumalo akazange akuqinisekise lokhu.

“Ngeke ngiqinisekise ukuthi yimiphi imijaho esesiyithintile kodwa sesixhumene nabahleli abaningi.”

USikhakhane ubesefomini emangalisayo kulo nyaka ngesikhathi egijima okwesithathu kwi-Two Oceans Marathon kanti uphinde wagijima okwesibili kwiPrince Mangosuthu Buthelezi emjahweni  ka-52 km. Uthumele izikhathi zakhe ezintsha ezihamba phambili zebanga lika-10km nelika-21km.

Esithombeni esingenhla: USiboniso Sikhakhane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva