Usihlalo weChippa usefakazele isisho esithi umuntu ngumuntu ngabantu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umndeni wakwaBudaza eMotherwell ulahlekelwe umuzi wawo ngomlilo owaqubuka ngoNcwaba, kodwa ngoLwesibili, uSihlalo weChippa United, uSiviwe Chippa Mpengesi noMasipala waseNelson Mandela Bay bawunikeze indlu entsha enefenisha ephelele.

Umasipala ucele uMpengesi ukuthi asize umndeni.

“Sikholelwa ekufukuleni imiphakathi yethu nokuma nabantu bakithi ngezikhathi zobunzima,” kusho uMpengesi. “Leli khaya akusona nje isipho sezitini nodaka kodwa kuwuphawu lobumbano nemindeni yaseMotherwell.”

Inhlangano kaMpengesi yenza umsebenzi wokwakha yafaka nefenisha yendlu.

UKholeka Budaza uthe: “Besilahlekelwe yikho konke kulowo mlilo, hhayi nje impahla yethu kodwa nesithunzi sethu ekhaya.”

UMeya uGary Van Niekerk wengeze wathi: “Ngiyaziqhenya kakhulu ngentuthuko efana nalena, efakazela ukuthi ngokuhlanganisa izinsiza nezinhliziyo zethu, singenza umasipala wethu ube mkhulu ngempela.”

UMpengesi uvame ukusiza imindeni eswele. Inkampani yakhe, iChippa Holdings, yakha izindlu isebenzisa izinto ezilungele imvelo.

Uthando lwakhe lokusiza abanye luvela ngesikhathi ehlala emjondolo waseKapa ngesikhathi esebenza njengonogada.

Esithombeni esingenhla: Imeya yaseNelson Mandela Bay uGary Van Niekerk noSihlalo weChippa United FC uSiviwe “Chippa” Mpengesi.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva