Dylan Bettencourt
Nakulokhu imidlalo ye-DStv Premiership ibikhungethwe izinkinga zomdlalo iNingizimu Afrika engeke izimele. Usihlalo we-TS Galaxy uTim Sukazi unqatshelwe ukungena enkundleni yase-Orlando kwasuka umsindo phakathi kwala maqembu womabili.
USukazi ubevele engaphakathi enkundleni ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo. Kodwa uthe ezama ukungena enkundleni abasebenzi be-Pirates baqala ukumbamba kanti abasebenzi be-Galaxy bazamile ukungena ngenkani.
Amaphoyisa abekhona azamile ukupholisa isimo ngaphambi kokuthi udaba luqhubeke phakathi kwezinhlangothi zombili.
“Lolu uhlobo lwempatho esiphathwa ngayo e-Orlando Stadium,” kubhala i-TS Galaxy ku-Twitter iveza nevidiyo yesigameko.
Bathe abasebenzi be-Pirates bebengamfuni uSukazi enkundleni nakuba enegunya elifanele lokungena.
USukazi ubize lesi sigameko “njengehlazo elikhulu” ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Thina singabammeli asiyijwayele le nto. Abantu bayabuza ukuthi siyizigebengu yini,” kusho usihlalo we-Galaxy etshela i-Soccer Laduma, wengeza ngokuthi abantu abaningi bebefona bebuza ukuthi uphephile yini.
“Iligi yesekwa i-DStv futhi kufanele ngibuzwe njengosihlalo weqembu ukuthi ngiphephile yini emdlalweni osemthethweni we-DStv Premiership.”
AmaBhakabhaka anqobe lo mdlalo ngamagoli amabili eqandeni okubabeke endaweni yesibili esicongweni seligi, ngamaphuzu ayi-14 ngemuva kwe-Mamelodi Sundowns eqhwakele phezulu.
Akukhona okokuqala umuntu enqatshelwa ukungena enkundleni yezemidlalo i-Orlando. Umphathi weBafana Bafana uHugo Broos wanqatshelwa ukungena ngezinsuki zakhe zokuqala njengomqeqeshi weqembu lesizwe.
Isigaba sokuqala sebhola eNingizimu Afrika sonakaliswe isigameko emasontweni edlule. Udaba lokutheleleka nge-Covid-19 kwe-Kaizer Chiefs kwaphoqelela ukuthi kuhlehliswe imidlalo ngaphandle kwemiyalelo esemthethweni, ukungqubuzana kwamaqembu ayegqoke amajezi afanayo okwaphoqa ukuthi kuhlehliswe umdlalo, kanti manje sebenqabela usihlalo weqembu ukungena enkundleni okulimaza isithunzi sebhola laseNingizimu Afrika.
Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma