Usihlalo we-CSA ukwimishini: lethani iNdebe Yomhlaba Yekhilikithi yango-2027 eNingizimu Afrika

Sphiwe Masilela

USihlalo weBhodi le-Cricket South Africa osanda kuqokwa uLawson Naidoo, unethemba lokuletha iNdebe Yomhlaba Yekhilikithi eNingizimu Afrika.

Njengoba elibangise kwiBhodi le-International Cricket Council (ICC) ukuyomela izwe lakhe, kubikwa ukuthi kulindeleke ukuthi enze isivumelwano sokuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe yoMhlaba Yekhilithi ngowezi-2027.

UNaidoo, oqokwe njengoSihlalo omusha weBhodi le-CSA ngoMsombuluko, uphinde waqokwa njengesithunywa kwiBhodi le-ICC ukuyomela le nhlangano ngoLwesine.

Ngokusho kukaMengameli we-CSA uRihan Richards, le nhlangano izofaka isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba kwelakuleli.

“Sizobe sibhida iNdebe Yomhlaba yabantu besilisa nabesifazane, iNdebe yoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kweyi-19 neNdebe yoMhlaba ye-T20. Kodwa sizogxila kwiNdebe yoMhlaba yamadoda yangowezi-2027,” kusho uRichards ngemuva kokuphothulwa kwe-Annual General Meeting (AGM) ngoLwesine ebusuku.

Inqubo yokubhida kulindeleke ukuthi ivulwe ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

UNaidoo uthe uyawazi umsebenzi omkhulu obhekene naye wokuguqula inhlangano.

“Sonke siyazazi izingqinamba esibhekene nazo ekwenzeni i-CSA ibe yinhlangano yezemidlalo esezingeni lomhlaba ngaphakathi nangaphandle kwenkundla yokudlala,” kusho uNaidoo.

INingizimu Afrika yabamba iNdebe Yomhlaba yamadoda yangowezi-2003, iNdebe Yomhlaba yabesifazane ngowezi-2005 neye-T20 yokuqala ngowezi-2007 kanye ne-Champions Trophy yangowezi-2009. Iphinde yahlela imiqhudelwano emibili ye-U-19.

Izihloko zakamuva