
Celani Sikhakhane
Ziyaqina izinsolo ezithi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi nguyena okhethiwe ozongena esikhundleni sikaGeneral Khehla Sitole njengo mkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke.
NgoLwesihlanu iHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi inkontileka kaSitole isinqanyuliwe ngemuva kwesivumelwano lo sigaxamabhande abenayo noMengameli uCyril Ramaphosa.
Inkontileka kaSitole izophela ngomhlaka-31 kuNdasa.
“Ngiyabonga kuGeneral uKhehla Sitole ngezingxoxo ezakhayo esibe nazo naye mayelana nokunqanyulwa kwenkontileka yakhe,” kufundeka isitatimende.
Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi igama lika-LT General Mkhwanazi liye laphakanyiswa komunye wemihlangano yeqoqo lezokuphepha ngonyaka odlule ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kukaSitole noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu Bheki Cele.
UMkhwanazi uke wabamba njengo khomishana kazwelonke ngemuva ngesikhathi uMnu Jacob Zuma esangumengameli wakuleli.
“Ngesikhathi sezidubedube zangoNtulikazi ngo-2021, kwavele kwacaca ukuthi ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kukaCele noSitole bumuncu,” kusho umthombo.
UMkhwanazi waba sematheni ngonyaka odlule ngesikhathi iKhomishini Yamalungelo Abantu iphenya ngezinxushunxushu lapho abiza lowo owayenguNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Nqakula ngomqambimanga.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe esizweni eKapa, uCele usole uSitole ngokumakhela itulo nomholi we-EFF uJulius Malema.
USitole uphendule wathi, umhlangano wakhe noMalema wawuhlelwe yiPhini likaNgqongqoshe uCassel Mathale ukuze kudingidwe ezokuphepha zikaMalema.
I-EFF isichaze njengobugwala isinqumo sikaRamaphosa sokunqamula inkontileka kaSitole.
I-DA ituse uRamaphosa ngokuxosha uSitole yaphinde yachaza ukususwa kwakhe njengesinyathelo esihle.
Okhulumela i-DA u-Andrew Whitfield uthe esitatimendeni “Imininingwane yalokhu kuxoshwa mincane, futhi umphakathi kufanele wazi ukuthi ngabe uphume ngendlela enhle yini”.
USitole ungena ohlwini olude lokhomishana abangasiqedanga isikhathi sabo. Phakathi kwabo kukhona uJackie Selebi, uBheki Cele kanye noRiah Phiyega.