Ushonile obesolwa ngokudlisa izingane zakhe ushevu

Kamogelo Olaitan

Owesilisa okusolwa ukuthi ubulale izingane zakhe ngokufaka ushevu esiphuzweni sazo waqede wasiphuza naye ushonile.

Uzame ukuzibulala ngokuzisika ngebhodlela eliphukile nensingo ngemuva kwezinsolo zokuthi udlise izingane zakhe ushevu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuthi uVeli Ngcongwane ushonele esibhedlela ngoLwesihlanu. Ubegadwe amaphoyisa.

Izelamani uLehlogonolo (16), uKatleho (13) kanye noTebogo (6) bashone ngemuva kokuphuza lesi siphuzo esinoshevu emasontweni amabili edlule. Ingane yesine, uNeo (11), uyalulama esibhedlela kanti ingane yesihlanu ayizange isiphuze lesi siphuzo.

Ngokusho kukanina walezi zelamani, uNtswaki Khoabane, umsolwa kusolakala ukuthi ubulale izingane ngoba engabaza ukuthi omunye wabafana bekungeyena owakhe.

Laba bafana bebefunda esikoleni samabanga aphansi i-Ratanda  nasesikoleni samabanga aphezulu i-Khanya Lesedi e-Ratanda.

UNgcongwane ubebhekene namacala okubulala nelokuzama ukubulala.

Izihloko zakamuva