Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ucela uxhaso umama womfana wase-Gqeberha oshone ngesikhathi kusha indlu ngempelasonto ngemuva kokuthi alahlekelwe impahla yakhe emlilweni oqubuke ngoMgqibelo ekuseni.
ULukhanyo Kwikwi (19) ubenethemba lokuhambela inkonzo yangoLwesihlanu lwePhasika nomama wakhe.
Kodwa ngesikhathi i-Expanded Public Works Programme (EPWP) ingafiki, uye wasala ngoba umama wakhe ubengenayo imali yokuthi bagibele bobabili.
UNksz Ntombebhongo Kwikwi (45) uthe yena nendodana yakhe bebehlele ukuyolala emzini wesihlobo kwaDwesi ngemuva kwenkonzo.
Bebenethemba lokuthi imali yakhe izongena emini bese kuthi uLukhanyo adlulele kwaDwesi uma imali isingenile.
Uye wangithumelela umyalezo engitshela ukuthi imali ibingakangeni kodwa ubesathanda ukuza. Ngimtshele ukuthi ngino-R100 kuphela nokuthi uma efika ngeke sibe nayo imali eyanele yokubuyela ekhaya,” kusho uKwikwi.
Umama ubekhathazekile futhi ekhungathekile uthe uthole izingcingo ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni ngoMgqibelo zimtshela ukuthi umuzi wakhe uyasha.
“Ngiye ngaphuthuma ekhaya kodwa abezicishamlilo abazange bangivumele ukuba ngingene. Akekho ongitshelile ukuthi uLukhanyo ukuphi. Ngivele ngazi enhliziyweni yami ukuthi akasekho,” kusho uKwikwi.
Uthe kunzima ukwamukela ukushona kwendodana yakhe yize esibonile isidumbu sayo esishile.
Isakhiwo esisele endaweni yase-Westering igaraji elilodwa lapho umndeni obulele khona kumatilasi onikelwe izinsuku ezine ezedlule.
“Izingubo engisele nazo yilezi ezisemhlane wami. Ngigqoke le ngubo kusukela ngoLwesihlanu ngesikhathi ngiphuma enkonzweni. Asinakho okunye,” kusho uKwikwi.
Uthe akazi ukuthi uzophinde awakhe kanjani umuzi wakhe njengoba naye eqashwe uhlelo lwe-EPW olungakhokhi kakhulu.
“Sicela usizo lokusifakela uphahla phezu kwamakhanda ethu nendlu yangasese yesikhashana ngoba awekho amanzi egcekeni,” kusho uKwikwi.
Ilungu lomphakathi e-Westering lidale i-akhawunti ethi-“back-a-buddy” lapho abantu abanganikela khona ngemali ukuze basize umndeni wakhe kabusha.
Noma ngubani ofisa ukunikela angavele achofoze isixhumanisi: https://www.backabuddy.co.za/…/clarence-house-fund-raiser
Esithombeni esingenhla: ULukhanyo Kwikwi oshone kabuhlungu ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi kusha indlu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe