Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Owesilisa osolwa ngokudubula abulale obezilile emgubheni wangemuva komngcwabo ushonele esibhedlela ngenxa yokulimala akuthole esigamekweni sokuziphindiselela.
Isigameko sokudubula senzeke ngomhlaka-21 kuMasingana emngcwabeni kaSpamandla Henry Mazibuko (43) oshone ngesifo semvelo.
Ngemuva komngcwabo endaweni yase-Phomolong e-Tembisa, abantu abebezongcwaba bahlangane ndawonye ukuze babungaze impilo kaSpamandla. Ngokusho kofakazi, kuqubuke ingxabano phakathi kwamadoda amabili. Le ngxabano iye yashuba omunye wadonsa isibhamu wadubula omunye washona.
Abanye abebezilile bajahe umsolwa obesolwa ngokubulala bamshaya bambhunyela ngophethiloli base beyamshisa.
Amaphoyisa ashayelwe ucingo ngemuva kwesigameko sokudubula atheleka endaweni yesigameko ahlenga umsolwa obelimele.
Okhulumela isiteshi samaphoyisa i-Rabie Ridge, uNhlongo ukuqinisekisile kwi-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa ushone ngemuva kokulimala.
Udadewabo kaSpamandla, uSthabile Manyathi obesembuthanweni wangemuva komngcwabo uthe umsolwaubengelona ilungu lomndeni.
“Ubeze emngcwabeni ngoba wayeqashe igumbi lapha ekhaya. Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula,” esho.
Esithombeni esingenhla: Izingubo ezishile zosolwa ngokubulala
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe