Ushonele ejele obesolwa ngokubulala unkosikazi wakhe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UWerner De Jager osolwa ngokubulala ngenhloso unkosikazi wakhe, uReverend Liezel De Jager cishe eminyakeni emibili nesigamu edlule ushonile.

Kusolakala ukuthi uDe Jager uphuze okuthile ejele lase-Westville lapho ayeboshwe khona eThekwini, KwaZulu-Natal.

UDe Jager bekumele avele eNkantolo yeMantshi yaseManzimtoti mhla ziyishumi kuNhlaba ngecala lokubulala unkosikazi wakhe.

U-Ian Cameron oyisishoshovu sobugebengu nowayengumholi we-Action Society ukuqinisekisile ukushona kukaDe Jager.

Uthe kumele kube nophenyo ukuze kutholwe ukuthi uDe Jager uzithole kanjani isidakamizwa asisebenzise ngokweqile ukuze azibulale.

“Okwenza kube nelukuluku kakhulu ukuthi kwenzeke ngosuku lokukhumbula ukushona kwabesifazane ababili e-Free State nyakenye ngemuva kwengozi eyadalwa nguye,” kusho uCameron.

NgoMbasa nyakenye uDe Jager wabandakanyeka engozini enyantisayo ngase-Koppies e-Free State.

Le ngozi yadlula nemiphefumulo yabesifazane ababili, uLinda Eales (54) kanye nomama wakhe uBernice (84) ngesikhathi kulimala abanye abathathu.

Lesi sigameko sibizwa nge’shaya ubaleke’ (hit-and-run) njengoba uDe Jager esolwa ngokushayela budedengu. Ngenxa yalokhu, ubebhekane necala lokubulala ngokungenhloso.

Lolu suku luphinde luphawule iminyaka emibili nesigamu selokhu uLiezel De Jager ashona.

UDe Jager waboshwa ngoLwezi ejele lase-Westville ngemuva kokuthi iNkantolo yeMantshi yaseManzimtoti imnqabele ibheyili ngoNhlolanja.

Esithombeni esingenhla: UWerner noLiezel De Jager.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva