Ushone wangcwatshwa isigubhukade owe-ANC

Zukile Majova

I-ANC isimemezele ukushona kwePhini likaNobhala wayo uYasmin Jessie Duarte ngeSonto ekuseni okuthe emini ngalo iSonto wabe esefihlwa ngenxa yenkolo yakhe.

UDuarte ushone esekhefini lokugula kusukela ngoLwezi ngenxa yesifo somdlavuza, ushone ngeSonto ngomhlaka-17 kuNtulikazi eneminyaka engu-68.

Ukushona kwakhe kuza ngosuku olwandulela ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ebalulekile.

Ngokuhambisana nosiko lwamaSulumane uDuarte ungcwatshwe eGoli ngeSonto ntambama.

UDuarte ubungazwa amaqabane akhe ngokuzibophezela impilo yakhe yonke emzabalazweni wokulwa nobandlululo kanye nempi yakhe engapheli yokubandakanywa kwabesifazane ezikhundleni ezibalulekile kuhulumeni.

Uzokhunjulwa ngeqhaza lakhe njengomsizi okhethekile kulowo owayenguMengameli wezwe uNelson Mandela ongasekho. 

UDuarte waphinde wasebenza njengelungu lekhabhinethi yesifundazwe e-Gauteng kanye nenxusa lase-Mozambique ngaphambi kokuthi abuyele kwelomkhulu le-ANC njengo khulumela iqembu.

Kusukela ngoNhlaba nyakenye ubambe izintambo njengomholi wehhovisi likaNobhala kulandela ukumiswa kukaNobhala weqembu u-Ace Magashule ngezinsolo zokubandakanyeka kwithenda yophahla lwe-asbesto ka-R250 million e-Free State.

UDuarte ubenomsebenzi onzima wokuhola ukwakhiwa kabusha kwamagatsha nezinhlaka ze-ANC okuke kwaphazamiseka iminyaka eminingi ngenxa yezingxabano zezombusazwe.

Eminyakeni yakhe yokugcina kwi-ANC uDuarte ubeyingxenye yohlaka lobuholi olwabeka uJacob Zuma emandleni futhi wachitha iminyaka eyishumi evikela umbuso wakhe owaholela ekubanjweni kukahulumeni nenqwaba yezinhlaka zombuso.

UDuarte waba nesandla esikhulu ekuguquleni imigomo ye-ANC yezomnotho omkhulu ukuze yamukele i-China waze wathumela amalungu e-ANC e-China ukuyofunda ngepolitiki.

Ube ngomunye walabo abagxeka kakhulu ikhomishini yomphathi wamaJaji uRaymond Zondo yokulawulwa kombuso  waze waphakamisa ukuthi isetshenziswa ukuphazamisa izifiso zezombusazwe zabanye abaholi be-ANC.

UDuarte ubevele ememezele ukuthi uzosula esikhundleni sakhe futhi ngeke abe khona engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

Okubuhlungu ukuthi ngesikhathi sokubusa kwakhe i-ANC yehluleka ukuholela abasebenzi bayo izinyanga zilandelana.

Umthombo wesithombe: @MyANC

Izihloko zakamuva