Ushone ngesihluku obanjwe elele nomfazi womuntu 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Njengoba wonke umuntu ezweni ubekhathazeke ngombhikisho wokuvalwa kwezwe ngoMsombuluko ezinye izithandani zinqume ukuthi zizithokozise endlini.

Kodwa lo wesilisa obelele nomfazi womuntu emjondolo wakhe ose-Diepsloot ext. 11 useshonile. Umnyeni wowesifazane uboshwe ngamaphoyisa kanti lo wesifazane othole izimpama ezimbalwa ukhululekile.

Lokhu kube ukuvalwa kwezwe kwangempela kulaba besilisa ababili!

Umnyeni obehlome ngommese nabangani bakhe ababili kuthiwa bazingele unkosikazi emjondolo lapho ebephinga khona.

Bakhahlele isicabha bathola izithandani ezimbili zinqunu.

Umakhelwane, uNksz Tinyiko Kwinika uthe uzwe umsindo emjondolo wabe eselunguza ngewindi ngesikhathi ezwa abantu bekhala.

“Bengingazi ukuthi impi ibimayelana nani futhi bengisaba ukuthi abahlaseli banezibhamu ngingase ngizithole sengidubuleka uma ngibalamula.

“Ngesikhathi ngibona abesilisa abathathu nowesifazane behamba ngivele ngaya kobheka ukuthi kwenzekeni.

“Ngifice umakhelwane wami enqunu ephuma igazi enqunywe induku yakhe!” kusho uKhwinika.

UKwinika uthe ubize abezimo eziphuthumayo ukuthi bazomlanda bamphuthimise esibhedlela. “Abezimo eziphuthumayo bangitshele ukuthi kuyingozi ukuphuma ngaphandle njengoba imigwaqo ibivalwe ababhikishi.”

UTinyiko uthe ube esenquma ukuhamba ngezinyawo eya esiteshini samaphoyisa.

“Ngenhlanhla ngimise iveni yamaphoyisa ebidlula ngafika nayo endlini. Amaphoyisa asuke eyolanda abezimo eziphuthumayo.

“Ngisalinde amaphoyisa ngibone umakhelwane wami elele ebheke phezulu ekhipha umphefumulo wakhe wokugcina washona,” kusho uKhwinika.

Umholi womphakathi, uVincent Ndou ushaqekile ngesikhathi ezwa ngalesi sigameko sokubulawa kwelungu lomphakathi ngesihluku.

“Lo wesilisa oshinile akanawo umndeni e-Diepsloot. Umalume wakhe uhlala e-Orange Farm, eningizimu neGoli,” kusho uNdou.

Uthe abantu kumele bafunde ukulawula intukuthelo yabo futhi baxazulule izinkinga ngokuthula.

Isithombe esingenhla: Omakhelwane bethukile ngemuva kokunqunywa komphambili wowesilisa osolwa ngokulala nonkosikazi womuntu emjondolo wakhe e-Diepsloot ext. 11

Izihloko zakamuva