Doreen Mokgolo
UPrince Radebe ubebuthaka, engakwazi nokuhamba futhi ephefumula kanzima ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela i-Pholosong e-Tsakani, e-Ekurhuleni.
Kodwa ngemuva kwamahora ambalwa, ezintatha zangoLwesihlanu, isibhedlela siye samkhulula wanikwa nemithi.
Isidumbu sakhe sitholwe eduze kwesikole esiseduze nesibhedlela ngezithuba zehora lesithupha ekuseni.
Unina ososizini u-Annah Msiza (63), uthe uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi amaphoyisa engqongqoza emnyango emazisa ngokushona kwendodana yakhe.
“Bachaze ukuthi isidumbu sakhe sitholwe umuntu obezidlulela emgwaqeni eduze kwesikole esiseduze nesibhedlela.
“Angizange ngiqonde ukuthi isidumbu sakhe sifike kanjani lapho ngoba ngokwazi kwami bekufanele ngabe usesibhedlela uyelashwa ngoba ubegula kakhulu ngesikhathi isithuthi seziguli simthatha emahoreni ambalwa edlule,” engeza.
UMsiza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodana yakhe (41) iqale ukukhala ngezinhlungu esifubeni futhi ibingakwazi ukuphefumula phakathi kwamabili.
Uthi ngokushesha uye washayela isithuthi seziguli ucingo kanti sifike ngehora lokuqala ekuseni samyisa esibhedlela.
“Besimbona ukuthi usezinhlungwini kodwa sinethemba lokuthi uzolulama ngosizo lodokotela abuyele ekhaya,” echaza.
UMsiza ufuna izimpendulo esibhedlela futhi ufuna ukuthi abathintekayo baphendule.
“Ukuthi uvele waquleka washona buqamama nesibhedlela kuyakhombisa ukuthi ubesagula kakhulu nokuthi ubesadinga usizo lwezempilo.
“Izenzo zabo zisilethele ubuhlungu obukhulu. Ukubona isidumbu sendodana yami sikuleso simo kungihlukumeze kakhulu futhi lokhu kuzongihlupha isikhathi eside,” engeza.
Okhulumela isibhedlela i-Pholosong uThabisile Mkhwanazi, uthe isiguli besinakekelwa udokotela esibhedlela.
“Ngemuva kokubonwa udokotela, unikezwe imithi azohamba nayo kanti ubesesimweni esigculisayo.
“Silindele imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze sithole imbangela yokushona kwakhe,” engeza.
