Ushone kabuhlungu ebulawa amaphoyisa

Doreen Mokgolo

Emasontweni amabili edlule uMncedisi Shabalala ushiye ikhaya lakhe eMnambithi, KwaZulu-Natal eyofuna umsebenzi e-Langaville, eGoli.

Ubecabanga ukuthi ekugcineni uzokwazi ukuthola umsebenzi abe nekusasa elihle.

Kodwa ubeqonde ngqo ethuneni lakhe.

Uye washaywa, waklinywa waphinde wadutshulwa wabulawa – konke lokhu akwenziwanga amasela noma izigebengu kodwa kusolakala ukuthi ubulawe amaphoyisa kamasipala.

NgoLwesine ebusuku iqulu lamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni agasele emjondolo abeqashe kuwo elele nabazala bakhe.

Kuthiwa amaphoyisa ashaye uDumisani Shezi kanye noWandile Sibeko.

UShabalala noZenzele Mgaga bakwazile ukuphuma emjondolo kodwa abafikanga kude.

UMgaga udutshulwe amahlandla amabili emlenzeni kanti uShabalala uye washaywa, waklinywa ngocingo lokuwasha waphinde wadutshulwa isingenhla somzimba wakhe.

Kuthiwa amaphoyisa abe esehudulela isidumbu sakhe ngemuva komjondolo.

Omunye wabazala bakhe uMiseni Shezi, uchaze ukuthi la maphoyisa abegqoke izingubo zangasese futhi awazange aveze lutho olukhombisayo ukuthi bangamaphoyisa.

“Bakhahlele iminyango bephethe izibhamu bafica umfowethu nabazala belele phansi.

“Sithe sisanake lokho baqala babashaya. Sizwe omunye wezisulu ecela usizo ngesikhathi kuqhuma izibhamu.”

Ngemuva kwalesi sigameko ngesikhathi umndeni uphuthumisa uMgaga esibhedlela ubone imoto yamaphoyisa kamasipala ipake eceleni komgwaqo.

“Sibabuze ukuthi uMcedisi ukuphi ngoba ubedukile basitshele ukuthi abazi ngoba ubalekile.”

Ngemuva kwamahora uSbonokuhle Shezi uye wanquma ukuyohlola igceke. Ulandele umkhondo wegazi obuphansi okhombisa lapho obekuhudulwa khona isidumbu sikaMcedisi.

“Ngisahlukumezekile ngalesi sigameko, ngimthathe ekhaya ngethemba lokuthi uzothola umsebenzi eGoli,” esho.

“Bengifuna ukuthi azimele kodwa ngemuva kwamasonto amabili nje efikile uvele washona.”

UShezi uthe nakuba abasolwa beboshiwe kodwa ngeke kumbuyise umzala wakhe.

“Ushonile futhi lokho angeke kuguqulwe kodwa usuku lwabo luyeza.”

Okhulumela i-IPID uLizzy Shuping ukuqinisekisile esitatimendeni ukuthi amaphoyisa kaMasipala ayisikhombisa aboshiwe athweswa amacala okubulala kanye nawokwephula umthetho.

“Amaphoyisa amahlanu kanye nabahloli ababili bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani ngoMsombuluko,” kusho uShuping.

Izihloko zakamuva