Doreen Mokgolo
Ehleli kumatilasi, uSibongile Duma onosizi uthe ubeyisabela impilo yomyeni wakhe.
Ubekade emkhuthaza nokuthi ashiye ibhizinisi lamatekisi.
“Kodwa u-Emmanuel ubengakuzwa lokho ngoba yilona kuphela ibhizinisi abelazi,” esho.
NgoLwesibili ebusuku lokhu abekusaba kuvele kwenzeka ngesikhathi umyeni wakhe edutshulwa ebulawa ngaphandle komuzi wakhe eDuduza, e-Kurhuleni.
Ozakwabo baka-Emmanuel i-Nigel Taxi Association, bathi ubemi ngaphandle nabangani bakhe ababili eceleni komgwaqo ngesikhathi kufika owesilisa obegqoke i-ovaloli eluhlaza okwesibhakabhaka weza kubo. Le ndoda ikhiphe isibhamu yadubula u-Emmanuel amahlandla amahlanu ekhanda, yabaleka.
U-Emmanuel kuphela olimalile ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
USibongile uthe ubesendlini ngesikhathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu kodwa ubezitshela ukuthi yizingane ezidlala ngeziqhumane.
“Ngemuva kwemizuzwana ngizwe izingane ezincane zingibiza zimemeza zithi uBabaDuma uwile ngaphandle,” kusho yena.
“Ngiphume ngagijima ngiyobheka ukuthi konakelephi ngathola abahlali bemi ngakuye bemungungile. Ubelele edamini legazi eseshonile,” kusho yena.
“Njengamanje indodana yakhe eneminyaka emihlanu ayinababa.”
Uthe umyeni wakhe ngokwemvelo ubeyindoda ethulayo engakaze ixoxe naye ngebhizinisi.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni uHarry Manaka, uthe umsolwa usazoboshwa.
Amaphoyisa acela noma ngubani onemininingwane mayelana nokuthi ungubani noma imininingwane ngomuntu ongasiza amaphoyisa ukuthi avele ngaphambili.