Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isalukazi esineminyaka engu-92 sase-Cwebeni, e-Port St Johns okungesinye sezigodi ezihlwempu kakhulu e-Eastern Cape, sishone singakawutholi umuzi waso womxhaso.
UMaswelekile Petshana ubelinde indlu yomxhaso kusukela ngo-1999.
Ngokusho kwendodakazi yakhe, uNksz Lindiwe Petshana (46), ubehlale ethi isifiso sakhe wukutholela umndeni wakhe indlu yomxhaso.
UMaswelekile, unina wezingane eziyisithupha odume ngelikaGogo Petshana, ubehlala nendodakazi yakhe uLindiwe nabazukulu abayisithupha endlini ebhidlikayo enegumbi elilodwa.
UGogo ubelala embhedeni omdala kanti umndeni wonke ulala phansi. Umndeni wakhe ubuthembele empeshenini yakhe yanyanga zonke ukuze uphile.
ULindiwe uthe unina ushone ngoLwesine ngesonto eledlule, ngemuva kokukhala ngokuphelelwa umoya ngoLwesibili.
Uphuthunyiswe esibhedlela eSilimela kodwa wadedelwa ngakusasa. Ushone ngabo-3 ntambama ngoLwesine.
“Wafaka isicelo [sendlu yomxhaso] eminyakeni eminingi eyedlule kodwa akukho okwake kwenzeka,” kusho uLindiwe.
“Nginesiqiniseko sokuthi noma ngabe ukuphi manje, uzothukuthela. Ibuhlungu inhliziyo yakhe ukuthi akakwazanga ukusinika indlu efanele nakuba ezame konke okusemandleni akhe.”
ULindiwe uchaze unina njengomuntu wesifazane obewuthanda umndeni wakhe, futhi bekuhlale kumnandi ukuhlala naye esixoxela izindaba ezingapheli sinabazukulu.
Muva nje, i-Scrolla.Africa sibike ngendlela abantu base-Cwebeni abaphelelwe ithemba ngayo baze bafaka nesicelo kuMengameli uCyril Ramaphosa noNdunankulu u-Oscar Mabuyane, bebacela ukuthi bangenelele kulokhu abakuchaze njengo kuhlukumeza amalungelo abo.
Bathe ukungondleki kahle emzimbeni kanye nendlala kugcwele kulendawo njengoba imindeni engaphezu kweyikhulu okuhlanganisa nezingane idla imbuya ngothi.
Muva nje, imindeni engaphezu kweyikhulu isale dengwane ngenxa yezikhukhula futhi abantu abaningi bebehlala ezindlini eziwohlokayo nezingakulungele ukuhlala umuntu.
Kodwa-ke, isicelo sezakhamuzi sachithwa abaholi bendabuko endaweni bathi nje indaba edayiswayo le ukuze kuzuze bona abasenga ezimithiyo.
Khonamanjalo iziphathimandla zikamasipala wase-Port St Johns, zithi igama likaMaswelekile Petshana liyavela ohlwini lwabantu okumele bathole izindlu zomxhaso.
Okhulumela umasipala uSimthandile Ford uthe izingane zakhe zizowuthola umuzi yize unina eseshonile.
“Akukho okuzoshintsha. Uma indlu isikhona, izonikezwa izingane.”
UFord wengeze ngokuthi isimemezelo esisemthethweni sohlelo lwezindlu e-Cwebeni sizokwenziwa uma uhlelo lokuqinisekisa seluphothuliwe.
Osesithombeni esingenhla: UGogo Maswelekile Petshana (92)
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe