Lubhalwe nguRorisang Modiba
IBlack Major ithi uSho Madjozi ukweleta imali engaphezu kuka-R5 million ngesivumelwano ababanaso nokunye.
IBlack Major ifuna inkantolo ithole isixazululo ngaphambi kokuthi kuqulwe icala eligcwele lomthetho.
Umculi owine izindondo uSho Madjozi usembangweni wezomthetho nenkampani yakhe yakudala, iBlack Major.
Le nkampani ithi uSho Madjozi wehlulekile ukubakhokhela imali yabo ayithole enkampanini aqopha kuyo phesheya, i-Epic Recordings. Ithi imali ethintekayo ingaphezu kuka-R5-million.
Ngokwamaphepha asenkantolo, iBlack Major ibiphethe uSho Madjozi kusukela ngoNtulikazi ka-2021 kwaze kwaba nguNhlolanja ka-2025. Ngaleso sikhathi, i-ejensi ibiphethe ezokuvakasha, imibukiso, amadili emikhiqizo kanye nezivumelwano zokuqopha nokushicilela. Iphinde ithi yamkhokhela izindleko ezithile.
USho Madjozi waqeda ubudlelwano bokusebenzisana ngoNhlolanja ka-2025 ngemuva kokumemezela ukuthi uyashiya emculweni ukuze agxile kwezinye izinto azithandayo.
IBlack Major ithi ngemuva kokuqeda inkontileka yakhe ne-Epic Recordings, le lebula yamkhokhela imali elinganiselwa ku-R5 million. Le nhlangano ithi inelungelo lokuthola leyo mali engamaphesenti angu-20 ngaphansi kwesivumelwano sabo.
Le nhlangano iphinde ithi ukweleta u-20% weholo uSho Madjozi ayithola kweminye imisebenzi yomculo nokuzijabulisa.
Iphinde ithi kunezindleko ezingakhokhiwe ezixhumene ne-Samro, uhambo, idokhumentari, amadili omkhiqizo, umsebenzi ohlobene nezincwadi nezingoma ezihlanganisa i-Ndi Rine ne-Kadigong.
IBlack Major iphinde yathi uSho Madjozi usakweleta u-R12 000 wekhomishini ehambisana nomsebenzi awenzile neWasserman Music, Ubisoft Royalties kanye ne-Eclipse Communications.
I-ejensi yathumela incwadi ifuna imali ngomhlaka-28 kuNhlolanja ka-2025. Ithi uSho Madjozi wavuma nge-imeyili eyathunyelwa ngoNtulikazi ka-2024 ukuthi wayeyikweleta le mali, kodwa akakayikhokhi.
Manje uBlack Majoro usecele inkantolo ukuthi ithumele udaba ngaphambi kokuthi luqulwe ngokugcwele.
USho Madjozi ubengakaphawuli ngalolu daba.
Osesithombeni esingenhla: USho Madjozi.
Umthombo wesithombe: @shomadjozi
