Ushiye umsebenzi umqeqeshi ngesokucwasa

Dylan Bettencourt

U-Alan Pardew wesulile esikhundleni sokuba ngumphathi we-CSKA Sofia ngemuva  kwesigameko sokujikijelwa kukabhanana kubadlali abamnyama baleli qembu.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-60 ubudala uthathe izintambo njengomphathi weqembu lase-Bulgaria ezinsukwini ezingu-35 ezedlule.

I-CSKA ihlulwe izimbangi zayo kowamanqamu we-Bulgarian Cup ngenyanga edlule kanti kusukela lapho ibilokhu ibhekene nabalandeli abathukuthele.

Abadlali abane beqembu abamnyama bebebhekene nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga ngesikhathi bejikijelwa ngobhanana. Abadlali baqale bala ukudlala, kodwa bagcina bevumile ukungena enkundleni.

Phambilini uPardew ubengumqondisi wezobuchwepheshe weqembu ngaphambi kokuba athathe izintambo njengomqeqeshi.

Umsizi wakhe womqeqeshi u-Alex Dyer naye wayishiya indima yakhe eqenjini waba ngowokuqala omnyama ukubamba iqhaza lokuqeqesha kwi-CSKA.

“Izehlakalo zangaphambilini nangemuva komdlalo ne-Botev Plovdiv bezingamukelekile hhayi kumina kuphela, kodwa nakumsizi wami u-Alex Dyer nakubadlali bami,” kusho uPardew esitatimendeni.

“Abadlali bethu banqume ukudlala ngenxa yokwethembeka eqenjini.”

Lowo owayengumphathi we-Newcastle United kanye ne-Crystal Palace uthe iqembu elincane labalandeli abanobandlululo abacekele phansi umdlalo wabo akubona abalandeli afuna ukubaqeqesha.

“Ngizwakalisa ukubonga kubo bonke abalandeli beqiniso be-CSKA ngokungiseka nothando lwabo.”

Uphinde wabonga abanikazi bamaqembu uGrisha noDani Ganchev ngemizamo yabo yokuyisa iqembu phambili naphezu kwazo zonke izinselelo nezimo.

“Kube intokozo enkulu ukuqeqesha leli qembu. Ngeshwa isikhathi sami sesiphelile,” kuphetha uPardew.

 Umthombo wesithombe: @EveningStandard

Izihloko zakamuva