UShivambu uyaphika ukuthi kunezinkinga njengoba iMayibuye iqoke abaholi abasha

Lubhalwe nguPalesa Matlala

UShivambu uthi izinguquko zobuholi bezihleliwe futhi bezidingeka, akulona uphawu lweqembu elinenkinga.

Iqembu lethule ithimba elisha eliphelele labaholi ngaphambi kwengqungquthela kazwelonke yokuqala kuleli sonto.

Umholi we-Afrika Mayibuye Movement uFloyd Shivambu uzichithile izinsolo zokuthi kunezinkinga zobuholi eqenjini elisanda kusungulwa.

Ekhuluma ngaphambi kwengqungquthela kazwelonke yokuqala yale nhlangano kuleli sonto, uShivambu uthe ukwesula kwakamuva akulona uphawu lokuwa, kodwa kuyingxenye yokulungisa kabusha ubuholi obudingekayo.

“Abaningi balabo abesulayo empeleni baxoshwe ngenxa yokungakwazi ukwenza umsebenzi wabo,” esho esithangamini nabezindaba esikhungweni seNyuvesi yaseJohannesburg eSoweto.

UShivambu uthe lo mbutho usanda kuphothula ukubuyekezwa kobuholi waphetha ngokuthi kudingeka izinguquko ezinkulu ukuqinisa inhlangano.

“Babe nethuba lokusula ukuze bakhe umbono kumphakathi wokuthi le nhlangano isenkingeni,” usho kanje. “Kodwa empeleni ithina esibakhiphile.”

Uthe ubuholi obusha buveza izimiso nemigomo yeqembu wagcizelela ukuthi i-Afrika Mayibuye izozinza.

“Siyawathemba amakhono obuholi obusungulwe kabusha. Bonke abaholi abasha bahlanganisa umoya nezinjongo zenhlangano,” kusho uShivambu.

I-Afrika Mayibuye iguquke yaba yiqembu lezepolitiki ezinyangeni ezintathu ezedlule. Kusukela lapho, ibhekane nezinkinga eziningi zokuphuma kwamalungu okuvusa imibuzo mayelana nokuzinza kwayo kwangaphakathi.

UShivambu, owake waba yiPhini likaMengameli we-Economic Freedom Fighters futhi owayenguNobhala-jikelele woMkhonto weSizwe Party, uthe iqembu ligxile ekuqhubekeleni phambili.

Ubuholi obusha obuqokiwe buhlanganisa:

UThato Ralokgodi njengePhini likaMengameli

UNomusa Sibisi-kama-Shobane njengesekela lesibili likaMengameli

USphephile Cyprian Mhlaba njengesekela lesithathu likaMengameli

ULazola Ndamase njengonobhala-jikelele

UMzwandile Goge njengePhini likaNobhala-jikelele

UNosipho Makamba njengePhini lesibili likaNobhala-jikelele

UMmabatho Mokaouse njengoSihlalo kazwelonke

Ngaphezu kwezinkinga nokwesula esikhundleni, uShivambu umile kwelokuthi iqembu libumbene futhi likulungele ukuqhubeka nokukhula.

Osesithombeni esingenhla: UFloyd Shivambu ukhuluma esithangamini nabezindaba ekhempasini yase-UJ Soweto

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva