Ushise umuzi kubangwa imali yempesheni

Doreen Mokgolo

Sekuphele iminyaka emithathu uCathrine Motha ondla umndeni wakhe ngokudayisa ukudla erenki yamatekisi njengoba ubesalinde ukuthi kuphume impesheni yomyeni wakhe.

Kodwa ngesikhathi umyeni wakhe ethola impesheni yakhe ephuma kuMasipala wase-Ekurhuleni lapho asebenze khona iminyaka engu-37 akazange amtshele.

“Uqale ukuphuza utshwala obubizayo futhi ubebuya ekhaya ebusuku. Yilapho engibone khona ukuthi imali isiphumile,” kusho uMotha.

“Ngenxa yokucasuka ngiye ngathi akanginikeze uhhafu wemali kodwa lokho kuye kwamcasula kakhulu.”

Kuthiwa lo mlisa ufunge wagomela ukuthi uncamela ukushisa umuzi wabo ose-Geduld, e-Ekurhuleni kunokuthi anikeze unkosikazi wakhe uhhafu wempesheni yakhe.

NgoLwesibili ebusuku uzifezile izinsongo zakhe.

Kube nokuhilizisana kwase kubizwa amaphoyisa endawo ukuthi azolamula kodwa wenqaba ukulalela.

Ujahe amaphoyisa ngembazo endlini walimaza elilodwa. Ube esethatha izigubhu zegesi ezine egumbini lokulala wathungela indlu ngomlilo waphuma wabaleka.

UMotha uchaze ukuthi umyeni wakhe uqale ukuphuza kakhulu ngemuva kokuthola imali.

“Eminyakeni engu-32 sishadile umyeni wami ubephuza ngezikhathi ezikhethekile kuphela kodwa manje ubesephuza njalo futhi ephuza utshwala obubizayo.

“NgoLwesibili ebusuku ungisole ngokumkhohlisa ngakho ngiye egumbini lendodakazi yami ukuze ngimyeke ehlise umoya,” esho.

“Kodwa uye wangilandela engisikaza ngezimbazo ezahlukene. Indodakazi yami ekhulelwe ikwazile ukumvimba kanti lokhu kumthukuthelise nakakhulu.”

Kuthiwa ukhahlele indodakazi ekhulelwe kabili esiswini yase yopha.

UMotha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi yilapho anqume khona ukubiza amaphoyisa ukuze angenelele njengoba ebesabela impilo yakhe.

“Ubefuna ukusibulala sonke endlini ukuze esale edla imali eyedwa,” esho.

“Into ebengiyifuna ingxenye yami njengoba sishade umshado wokuhlukanisa impahla. Nami nginelungelo kuleyo mali.”

UMotha uthe ubefuna ukusebenzisa ingxenye yakhe yemali ukulungisa umuzi wabo ose-Limpopo ukulungiselela ukuthi uma sebethatha umhlalaphansi babuyele esigodini sangakubo.

“Sibe nenhlanhla yokubalekela umlilo. Ngilahlekelwe yizo zonke izinto ezibalulekile engazithenga ngesikhathi ngenza imisebenzi yasendlini,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Themba Tshabala ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala okushisa, ukushaya kanye nelokushaya iphoyisa.

“Umsolwa akakaboshwa futhi usagcwele amathafa. Sicela ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi athinte amaphoyisa ku-08600 10111,” esho.

Izihloko zakamuva