Ushise indlu ngoba engafuni ukuphuma kuyo

Doreen Mokgolo

Unenhlanhla yokuphila owesifazane (80) ohola impesheni ngemuva kokuthi indodana yakhe iqhumise umuzi  wabo ngegesi engaphakathi ngesikhathi izama ukugwema ukuxoshwa.

Kudingeke ukuthi uMona Bosman atakulwe omakhelwane bakhe ngemuva kokuthi indodana yakhe (50) yokhele izigubhu ezimbili zegesi ngomlilo ngesikhathi ibona usherifu eza ngakubo e-Springs e-Ekurhuleni ngoLwesibili ekuseni.

Sekuphele iminyaka emihlanu uBosman nendodana yakhe beziba izaziso zokuphuma kulendlu abebezinikwa umnikazi wendawo.

Ubeziba nezingcingo ezivela kuSherifu mayelana nalolu daba ngakho ngesikhathi uSherifu efika ngoLwesibili ekuseni ubazi ukuthi kungani elapho.

Isango lokungena kule ndawo belikhiywe ngengidi, kodwa lo mlisa uye waphuthuma emotweni yakhe wayishayela wayibeka phambi kwesango.

Ube esegijima wayongena endlini wabe eseyothungela amagesi ngomlilo.

Yilapho umakhelwane wakhe uZanele Sikhosana ezwe khona ukuqhuma.

Uthe uphuthume efasiteleni wabona indlu ivutha amalangabi. Usherifu nezinye izakhamizi ezikhathazekile bebezama ngamandla ukungena esangweni elikhiyiwe.

“Ngesikhathi sibona umsolwa ezulazula ngaphandle siye sakhathazeka ngokuthi unina ukuphi,” kusho umakhelwane.

“Sinqume ukusika ingidi nge-bolt cutter, salunguza efasiteleni legumbi lakhe sambona elele embhedeni wakhe enganyakazi. Besicabanga ukuthi ushonile!”

Isakhamuzi uVictor Hirselman ugijime wangena endlini wazama ukukhipha lesi salukazi, kodwa besisinda kakhulu.

“Unqume ukumkhipha ngefasitela lapho ezinye izakhamizi ebezilinde khona ngebhala ukuze zimthwale zimyise endaweni ephephile,” kusho uSikhosana.

Umnikazi womuzi uMuhammed Arabi uthe lo muzi wawuthenga eminyakeni emihlanu edlule.

“Ngaya enkantolo eminyakeni emibili edlule ngemuva kokuthi izingxoxo nomndeni zingaphumelelanga, nganquma ukufaka isicelo senkantolo ngathola enye indawo e-Tsakani kodwa umndeni wanqaba ukuhamba.

“Ngiphatheke kabi ngomonakalo odalekile ngoba bekungadingeki ukuthi kufinyelele kulokhu, ngifisa sengathi ngabe bathuthele endlini ebengibanike yona,” engeza.

USayitsheni Themba Tshabalala ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokushisa.

“Umsolwa uboshiwe kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs maduze.

“Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela lapho esithola khona usizo lwezempilo ngemuva kokuhogela intuthu ngesikhathi sivaleleke egumbini laso,” echaza.

Isithombe esingenhla: Indlu ngemuva kokucishwa komlilo

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva