Doreen Mokgolo
Izakhamuzi ezihlala ngaphansi kukaMasipala wase-Ekurhuleni kuzomele zilinde elinye isonto ngaphambi kokuthi kuqokwe imeya entsha ngemuva kokuthi kuhlehliswe umhlangano womkhandlu obenezinxushunxushu ngoLwesithathu.
Lo masipala ubungenayo imeya kusukela ngesonto eledlule ngemuva kokukhishwa kukaTania Campbell we-DA ngesiphakamiso sokungamethembi ngoLwesine olwedlule.
Umhlangano womkhandlu kaMasipala wokukhetha imeya ngoLwesithathu uye wahlehliswa ngesikhathi umhlangano uphazamiseka ngemuva kokuthi amalungu e-EFF nawe-ANC ecele isikhathi sokuba nekhokhasi.
UJoe Mojapelo we-Independent Citizens Movement kanye nedlanzana lamanye amaqembu ezepolitiki, baphakamise ukuthi umhlangano uhlehliselwe olunye usuku olusazobekwa.
USomlomo womkhandlu uMnu Raymond Dhlamini uthe kudingeke ukuthi ahlehlise umhlangano ukuze aqinisekise ukuthi kulandelwa imigudu efanele ukuze kugwemeke okwenzeke eGoli.
EGoli, inkantolo inqume ukuthi umhlangano ovotele ukuketula iMeya ye-DA uMpho Phalatse wawungekho emthethweni, yathi uphambene noMthethosisekelo, yayalela ukuthi uPhalatse abuyiselwe esikhundleni.
USihlalo we-ANC eGoli uPanyanya Lesufi, ukuqinisekisile ukuthi baxoxisana ne-EFF.
“Izingxoxo ziqinile kodwa sivumelene ngokuhlangabezana; silinde abaholi beqembu ukuthi bagunyaze esivumelene ngakho.
“I-ANC ngeke ingenele isikhundla sobumeya ngakho izovota ne-EFF kulokhu,” esho.
Kodwa-ke, wenqabile ukuqinisekisa ukuthi i-ANC izovota ne-EFF e-Ekurhuleni ukuze iyisize ithathe isikhundla sobumeya eGoli uma i-ANC isiyethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya ye-DA.
USihlalo we-ANC e-Ekurhuleni, uMnu Mzwandile Masina ukuqinisekisile ukuthi ngeke asingenele isikhundla sobumeya ngemuva kwezingxoxo zokuthi isifunda sase-Ekurhuleni sifuna angenele lesi sikhundla.
“Ngeke ngime noma ngamukele noma yisiphi isikhundla kodwa ngizohlala njengekhansela elijwayelekile,” esho.
Umholi we-DA kwisiShayamthetho saseGoli uSolly Msimanga, uzichithile izinsolo zokuthi kukhona ukuntengantenga komfelandawonye wabo nokuthi i-ActionSA whose ukuphakamisa imeya yayo.
“Asinalo ulwazi ngezinhloso ezinjalo njengoba izolo ebusuku sonke sivumelene ngokuthi ozongenela isikhundla sobumeya uTania Campbell.
“I-ActionSA ayikaze yenze isimemezelo esinjalo kithina futhi njengoba kunjena thina sazi ukuthi sisasebenzisana,” engeza.
Osesithombeni esingenhla: USomlomo womkhandlu uRaymond Dhlamini
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo