Ushisa phansi umbango kaMasipala i-Ditsobotla  

Lubhalwe nguZukile Majova

Izingxabano zezepolitiki phakathi kwe-ANC zimise ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu kuMasipala wase-Ditsobotla e-North West.

Lokhu kuphoqe uhulumeni kazwelonke ukuthi atshele uMasipala kanye noMnyango weziMali kuzwelonke ukuthi umise isabelomali sawo kuze kube kukhethwa kabusha umkhandlu omusha ngomhlaka-14 kuZibandlela.

NgoLwesithathu uMasipala wase-Ditsobotla uzongenela ukhetho lokuchibiyela ezigcemeni zawo ezingu-20.

Amakhansela amawadi angu-20 kanye namakhansela e-PR angu-19 azongena  emkhandlwini omusha.

Abazobe bevota bazothola amaphepha okuvota amabili ezikhungweni abazobe bevotela kuzo elilodwa elekhansela lesigceme kanti elinye elizomela iqembu lezepolitiki abalithandayo.

UMengameli Cyril Ramaphosa usanda kuvakashela le ndawo wanxusa umphakathi ukuthi uphinde uvotele i-ANC.

Kulokhu uthe leli qembu lizobeka amakhansela anekhono emandleni ngemuva kwalokho liqashe ochwepheshe abazophatha izimali zikaMasipala wase-Ditsobotla.

Ngempelasonto i-DA ijube uSihlalo we-Federal uHelen Zille kanye nomholi weqembu uJohn Steenhuisen emzamweni wabo omkhulu wokuzuza le ndawo yase-Lichtenburg okuyindawo  ephethwe uMasipala wase-Ditsobotla.

Beza nemishini yokulungisa imigodi, bavakashela izakhamuzi emakhaya futhi basabalalisa izimpahla zamahhala zeqembu kwabangase bavote.

“I-Ditsobotla iwuMasipala onoqhekeko ngenxa yenkohlakalo nokungaphathi ngendlela kwe-ANC cishe iminyaka engamashumi amathathu.

Sekuyisikhathi sokuthi kukhishwe i-ANC. Votela i-DA ukuze sihambisane ekwakheni kabusha i-Ditsobotla,” kusho uSteenhuisen.

Ongumphathi we-EFF uJulius Malema uthule inkulumo yakhe e-Ditsobotla ngeSonto.

“Batsheleni ukuthi asizifuni izikibha namaphasela okudla, sifuna ikusasa lezingane zethu sesifikile isikhathi okufanele sithi sekwanele,” kusho uMalema.

Owekhomishana eyengamela ukhetho (IEC) uthe “amalungu angu-457 avela emaqenjini angu-17 azongenela ukhetho lokuchibiyela (45) KwaZulu-Natal e-Mpumalanga nase-North West ngomhlaka-14 kuZibandlela.”

Isithombe esingenhla ngesamalungu e-DA elungisa imigodi

Umthombo wesithombe: @DA

Izihloko zakamuva